Kuqhilika izihlathi kubuholi beXcel Running Club njengoba bekwaze ukuvuselela izinkontileka zezithenjwa zabagijimi bayo abebefunwa ngamanye amakilabhu.
UMandla Mngomezulu ongomunye wezikhulu zeXcel, wazise Isolezwe ukuthi ukwenza kahle kwabagijimi babo ngonyaka odlule kwenze bashelwa ubuthaphuthaphu ngamanye amaqembu, ikakhulukazi amakhulu.
Wale waphetha ukudalula amagama amakilabhu athi abegabisela abagijimi babo ngemali nangeminye imihlomulo.
Uveze ukuthi izindaba ezimnandi wukuthi sebeyivuselele inkontileka yabo nezinyamazane ezinjengoSibusiso Kubheka noTebello Ramakongoane.
Nyakenye uRamakongoane waseLesotho, unqobe iDurban International Marathon ebihlangene neSouth African Marathon Championships. Wenze isikhathi esiwu-2:10.10. Ubuye wenza kahle kumaWorld Athletics Championships abeseBudapest, eHungary elala isine emjahweni ka-42km (2:09.57).
Lo mgijimi uphule irekhodi laseLesotho lika-21km elala isibili ngesikhathi esiwu-1:00.35 kwiNelson Mandela Bay Half Marathon, eGqeberha.
UKubheka ushaye intambo kwiDrakensberg 21km Marathon (1:07.20), Harry Gwala 10km (28:09) nakwiMandela Day 21 (30.26).
"Kuyintokozo ukuthi sesizivuselele izinkontileka nalaba bagijimi. Sonke seneme ngokubekwe etafuleni. Kuye kwasiphoqa ukusukuma njengoba bebefunwa ngamanye amakilabhu.
Siyathembisa ukuthi nakulo nyaka iXcel izokwenza kahle. Noma ngingeke ngande kodwa nathi silindele ukujoyinwa ngabanye abagijimi bezinga eliphezulu. Siyikilabhu ekhula minyaka yonke," kubeka uMngomezulu oveze ukuthi balindele ukuthi liphele leli sonto sebeyivuselelile ekaJenet Mbhele, owenze ezibukwayo nyakenye.
Phakathi kwempumelelo yakhe kube wukugqiba ihlazo labasubathi baKwaZulu-Natal kubona bobubili ubulili, engena kwi-top 10 yeComrades Marathon.
"Ingcindezi yokufunwa ngamanye amakilabhu kukaJenet yande kakhulu ngesikhathi elala endaweni yeshumi kwiComrades Marathon. KwiXcel kufana nakubo, asingabazi ukuthi nakulo nyaka uzobe egqoke imibala yethu.“