LIBUKEKA liqhakazile ikusasa lekhilikithi yabesifazane eNingizimu Afrika, ngemuva kokuthi inhlangano ephethe lo mdlalo kuleli, iCricket South Africa (CSA) yethule iligi yokuqala yabesifazane ekhokhelwayo.
Umcimbi wokuyethula ngokusemthethweni, obuseFreedon Park Heritage Site & Museum, eTshwane ngoLwesibili, ubuhanjelwe nguNgqongqoshe wezeMidlalo kuzwelonke, uZizi Kodwa, izikhulu ze-CSA, abadlali nabanye abebemele amaqembu.
Iligi entsha izohlanganisa amaqembu ayisithupha azoqhudelana emincintiswaneni emibili, i-CSA Women’s One Day Cup ne-CSA Women’s T20 Challenge.
Amaqembu abesifazane azoba nezinguquko ezibalulekile njengoba isibalo sabadlali abanezinkontileka sesinyusiwe. Iqembu ngalinye lizoba nabadlali abangu-11 abakhokhelwayo, ekubeni phambilini bebeyisithupha.
Phezu kwalokho, iqembu ngalinye lizoba nethimba labaqeqeshi elithuthukisiwe futhi elibhekene ngqo nalo, bese kuba khona ithimba lochwepheshe elihlanganise laba ababhekene nokuvocavoca, ukwelapha abalimele nokunye, eliqashwe yi-CSA elizolekelela wonke amaqembu.
Amaqembu ayisithupha azobamba iqhaza kwiligi yokuqala yiHollywoodbets Dolphins yaKwaZulu-Natal, i-DP World Lions neFidelity Titans abaqhamuka eGauteng, iSix Gun Grill Western Province neSix Gun Grill Garden Route Badgers abazinze eWestern Province neqembu elingomakoti esigabeni esiphezulu, iFree State Cricket.
“ICricket South Africa izimisele ngokunciphisa igebe phakathi kwabesilisa nabesifazane. Siqhubekile nokuheha nokuzama ukugcina amantombazane asemancane kulo mdlalo ngoba sikholwa wukuthi sizoyikhulisa kanjalo ikhilikithi yabesifazane,” umengameli we-CSA, uRihan Richards, uphawule kanje.
“Sisesikhathini esiyingqophamlando kwikhilikithi, umlando ongeke waphindwa. Nokho, ngeke sikuzuze konke esikufunayo ngaphandle kokubambisana.
“Le ligi ngeyabo bonke abantu baseNingizimu Afrika abanezinhloso ezinhle ngekhilikithi yabesifazane. Ubufakazi buyakhombisa ukuthi abesifazane bayawuthakasela kakhulu lo mdlalo.
“Kodwa-ke, bangaphumelela kuphela uma siqhubeka nokubeseka. Kuningi okulindelwe kule ligi okuhlanganisa nokukhiqiza izihlabani ezizomela izwe nokuvulela abadlali abasebancane amathuba okuthi bakhule.”
UKodwa uyishayele ihlombe i-CSA ngokuyisukumela indaba yokusungula iligi yabesifazane ekhokhelayo futhi waphosela ezinye izinhlangano zezemidlalo inselelo yokuthi zilandele ezinyathelweni zayo ngokushesha.
“Lolu wusuku olumnandi kodwa futhi kusekhona ukukhathazeka ngoba kuneminye imidlalo lapho uhulumeni etshale khona imali eningi ngenhloso yokuthuthukisa imidlalo yabesifazane kodwa lokho akukenzeki.
“Ukuqalwa kweligi ekhokhelayo yekhilikithi yabesifazane kuyinkomba yokuthi izinto ziyashintsha ezweni lethu. Kukhombisa ukuzibophezela kwethu sonke ekuthuthukisweni kwabesifazane nokuhlonipha amaqhawe adlale indima enkulu ukuze kufikwe lapho sikhona.
“Le ligi iwuphawu lwenqubekela phambili nokuqeda imicabango engesilona iqiniso mayelana neqhaza elibanjwa ngabesifazane kwezemidlalo.
“Yize sibungaza leli gxathu elihle kodwa ngeke sikushaye indiva ukuthi luselude ukhalo mayelana nezinguquko emkhakheni wezemidlalo, ikakhulukazi ekulinganisweni kwamaholo, ukufinyelela emiphakathini yasemakhaya, ukwethula ikhilikithi ezikoleni eziningi nokuba nemiqhudelwano eminingi,” kusho uKodwa.
I-CSA ibuye yamemezela ukuthi iqembu lesizwe labesifazane selizokhokhelwa imali elinganayo nabesilisa ngomdlalo ngamunye. Lokhu kuzoqala ngenyanga ezayo njengoba amaProteas esifazane ezolibangisa ePakistan kweyosuku olulodwa neye-T20.
Yize ingakadalulwa imali ekhokhelwa abadlali ngomdlalo ngamunye kule sizini kodwa nakenye i-website ,i-Bet.co.za yalinganisela ukuthi umdlali ngamunye uthola uR100 000 ngomdlalo we-test, uR31 000 ngomdlalo wosuku olulodwa noR14 000 ngomdlalo we-T20.