KUZOBA yimpelasonto enkulu emaqenjini esizwe ombhoxo abesifazane njengoba ezodlala emiqhudelwaneni emikhulu ngokwehlukana.
Iqembu lesizwe leSevens lizoyibamba kwiRugby Africa Women’s Sevens. Lo mqhudelwano owokuhlungela azoba seParis, eFrance ngonyaka ozayo.
Elizodla umhlanganiso kulo mqhudelwano lizozibekisela indawo kuma-Olympics bese kuthi elizolala isibili lingene emqhudelwaneni wokugcina wokuhlunga ozodlalelwa eMonaco ngoJuni ngonyaka ozayo.
Imbokodo izobhekana neTunisia, Uganda neZimbabwe kuGroup A. KuGroup B kuqhathwe iMadagascar, Kenya, Zambia neGhana.
Umqeqeshi weMbokodo, uRenfred Dazel, uthe: “Ayikho enye indlela esingafeza ngayo iphupho lokuya kuma-Olympic. Sehlulekile ukungena kwawango-2016 nango-2020 futhi njengoba sekuqinisekisiwe ukuthi sizoya eParis uma singaba ngompetha base-Afrika konke kusezandleni zethu. Yilokho kuphela esikufunayo.”
Lo mqeqeshi uphoqeleke ukuthi enze ushintsho eqenjini ngesikhathi uSikholiwe ‘Sne’ Mdletshe ehoxa ngoMsombuluko ngenxa yokulimala. Indawo yakhe izothathwa nguMaria Tshiremba, owenza kahle kwiBulls Daisies kule sizini.
Imbokodo izodlala yonke imidlalo yamaqoqo kusasa. Izoqala ngeZimbabwe ngo-10.22 ekuseni, ibhekane ne-Uganda ngo-13.06 emini ngaphambi kokuvala usuku nosokhaya, iTunisia, ngo-17.02 ntambama.
Khonamanjalo, amaBhokobhoko esifazane azoqala umqhudelwano weWXV2 ngokubhekana neScotland eDanie Craven Stadium eStellenbosch namuhla ngo 4.30 ntambama.
UTayla Kinsey, Aseza Hele, Lindelwa Gwala noSanelisiwe Charlie, abadlale eNdebeni yoMhlaba ebiseNew Zealand nyakenye, babuyile eqenjini ngemuva kokuphuthelwa yimidlalo neKenya neSamoa.
Umqeqeshi uLouis Koen uphinde wenza ezinye izinguquko ezimbili eqenjini ebelibhekene neSamoa kowakamuva, efaka uShaunique Hess ephikweni noChuma Qawe kwi-fullback.
“Sineqembu labangu-30 futhi sihlela ukubashintshanisa emidlalweni yethu emithathu kule nyanga. Sikhethe isikwati esikholwa wukuthi sizosinika ithuba elingcono uma sesibhekene neScotland. Sicabangela iNdebe yoMhlaba ka-2025, futhi kuzobaluleka ukuba nabadlali abanamava, kumqoka ukuthi sibanike amathuba,” kusho uKoen.
AmaBhokobhoko esifazane azophinde adlale ne-Italy ngoLwesihlanu oluzayo bese edudulana neSamoa ngo-Okthoba 27.