ASEGCINE eshabalele amathemba kaRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates (19) okubuyela kwiWolverhampton Wanderers edlala kwi-English Premier League (EPL) abeyozama inhlanhla kuyona nyakenye.
Lesi sikhwishikhwishi sinyuselwe eqenjini elikhulu ngumqeqeshi, uJose Riveiro, ekupheleni kwesizini ka-2022/23. Besiyibamba eqenjini lePirates leDStv Diski Challenge (DDC) eliqeqeshwa nguJoseph Makhanya.
Ukudlala ibhola elinomjiko obheke phambili, kwenze sashesha ukungena ezinhliziyweni zabalandeli beZimnyama.
Ukuba nesandla empumelelweni yeqembu kuphinde kwavulela uMofokeng ithuba lokuyozama inhlanhla kwiWolverhampton ngasekupheleni konyaka odlule.
UPaul Mitchell weSiyavuma Sports Group, okunguyena obehambise lo mdlali kule nhlolokhono, watshela Isolezwe ukuthi iWolverhampton izobuyela kuye ngesinqumo sayo.
Izolo ukuqinisekisile ukuthi uMofokeng ngeke esabuyela kwiWolves.
" IWolverhampton ikhale ngobufishane bukaMofokeng nokungaqini ngokwanele komzimba wakhe. Lishabalale kanjalo iphupho lakhe. IWolves ithe nakuba kusekuningi okusamele akufunde kodwa unekusasa eliqhakazile. Sizoqhubeka nokubheka nakwamanye amaqembu," kubeka uMitchell.
Emasontweni adlule, uMofokeng ucashunwe ekuqinisekisa ukuthi iWolves ayikamphenduli.
“Ngingasho ukuthi awukho umehluko omkhulu (ngokwebhola). Angiyitholanga impendulo kodwa asithembe ukuthi kuzolunga. Angicabangi ukuthi mukhulu umehluko phakathi kwethu abadlali bePSL nabadlali beWolves,” kusho uMofokeng.
UMitchell uzwakalise ukukhathazeka ngokuhluleka kwezinkulisa zakuleli ukuqinisa imizimba yabadlali.
Utheukuba ntekenteke kwemizimba yabo kunomthelela ekushayweni ngesithende kwabadlali bakuleli emaqenjini ase-Europe.
"Abadlali baseNingizimu Afrika bafishane. Lokhu kubanika inkinga e-England ngoba amaqembu akhona athanda abade. Kuba yinkinga kakhulu uma uzophinde ungabi nomzimba oqinile. Nakhona bakhona e-England abafishane. Okuhlukile wukuthi imizimba yabo yakhiwe yaqina. Isibonelo uSadio Mane waseSenegal ufike e-England wayishubisa. NaseSpain bakhona abafishane kodwa iqatha imizimba yabo. Isibonelo uMessi, odlale isikhathi eside khona, wazalwa emfishane kodwa iBarcelona yawakha umzimba wakhe. Izinkulisa eziningi lapho ziyahluleka ukwakha imizimba yabadlali. Yingakho kunje. Ngake ngabona abadlali benye inkulisa bedla ukudla okungenampilo. Ngasho ngedwa ngathi usemkhulu umsebenzi okumele wenziwe,“ kusho uMitchell.
Uqhube wathi likhona idlanzana elibe nenhlanhla yokuqeqeshwa kahle lisakhula.
"Ngikhuluma ngabafana noKeagan Dolly, Lyle Foster nabanye. Kunabafana abanethalente lapho abafana naye uMofokeng, Siyabonga Mabhena, Mduduzi Shabalala nabanye abebengaba yinyama e-Engand naseSpain. Inkinga bekhula imizimba yabo kayakhiwanga yaqina. AbanjengoLucas Radebe Philemon Masinga, Mark Fish nabanye basizwa ukuba bade. Nemizimba yabo beyakhiwe yaqina isidalo".