KUFANELE sikushayele ihlombe ukuphumelela kweLindelani Ladies ukwenyukela esigabeni seHollywoodbets Super Leagues ngoba kusho ukwanda kwesibalo samaqembu ase-KZN kulesi sigaba, njengoba iDurban Ladies neRoyal AM Ladies bekuseyiwona kuphela amaqembu akulesi sifundazwe adlala kusona.
Izicabele indlela ngokufinyelela kowamanqamu eSasol League National Championships abedlalelwa eBloemfontein, eFree State, ngeledlule.
Ukwanda kwesibalo samaqembu akulesi sifundazwe kulesi sigaba esikhulu sebhola labesifazane ezweni, kubuyisa ithemba ngebhola labesifazane esifundazweni esikhiqize abadlali abanekhono nabadlale eqenjini lesizwe, iBanyana Banyana eminyakeni edlule.
Eminyakeni edlule i-KZN ikhiqize abadlali abavelele eqenjini lesizwe, okubalwa kubona uMakhosi Luthuli ongasekho, Veronica Phewa, Delisile Mbatha, Amanda Dlamini noZamandosi Cele-Nene.
UDlamini noCele-Nene babeseqenjini iBanyana eyadlala okokuqala kuma-Olympic Games ayeseLondon, e-England, ngo-2012.
Kumanje uDlamini owaphinde wadlala kuma-Olympic Games ngo-2016, usengumhlaziyi webhola kwiSupersport TV, futhi uyinxusa ezinkampanini ezahlukene ngenxa yamagalelo akhe ebholeni.
Ukunqoba kwaleli qembu kufanele nakanjani kube yisikhuthazi kuwo wonke amantombazane akhula emijondolo nasemalokishini ukuthi nawo angakwazi ukuphumelela inqobo nje uma enamaphupho.
Lokhu kusho ukuqhakaza kwaleli lokishi kwezemidlalo, njengoba kumanje ligabe nangomdlali weqembu lesizwe lekhilikithi, amaProteas, uNonkululeko Mlaba.
Sincoma kakhulu abasunguli beqembu ngokuzinikela ekutheni bathuthukise ibhola lamantombazane endaweni enezithiyo eziningi empilweni yentsha.
Sinxusa osomabhizinisi abaseduze noMasipala weTheku, basondele ekuxhaseni leli qembu, ukuze likwazi ukubhekana nezindleko zokudlala esigabeni sebhola esikhulu, iHollywoodbets, ngesizini ezayo ka-2024.