KUFANELE ukuba bahlikihla izandla futhi baconsa amathe abalandeli be-English Premier League (EPL) njengoba ukubuya kwemidlalo yayo ngempelasonto kuzitolika ngokuthi ngeke isaphazanyiswa yikhefu lemidlalo yeFifa kuze kube uMashi wonyaka ozayo.
Ngaphandle kokuthi bazozitika ngemidlalo yale ligi izinyanga ezine bengaphazamiseki, isigaba isizini okungenwa kusona kujwayele ukuba yisona esicacisa okuningi.
Imidlalo yangasekupheleni kukaNovemba kuya kweyamaholidi kaKhisimusi ivamise ukucacisa ngenyathuko ethathwa yisicoco, abazodlala kwi-Uefa Champions League ngesizini elandelayo nabasuke bezokwehlela kwi-English Championship.
Umlando ukhomba ukuthi iqembu elisuke liqhwakele ngoKhisimusi kuvamise ukuba yilona eliqukula isicoco ngasekupheleni kukaMeyi wonyaka olandelayo.
Nelisuke lisemsileni, izembe livamise ukugenca kulona futhi.
Emidlalweni engu-11 yeligi, iLiverpool iqhwakele kwazise isashaywe kanye yacazelana ngamaphuzu komunye yase iyinqoba yonke eminye eyisishiyagalolunye.
Kule miphumela leli qembu lika-Arne Slot, ofike wangena khaxa kumaReds kukhona amawini kwiManchester United, Chelsea ne-Aston Villa.
EzikaSlot zidlale ngokulingana ne-Arsenal zakhala ngaphansi kwiNottingham Forest evuthayo nayo kule sizini.
Yize iManchester City ilengelwa yifu lokuhlawuliswa i-English FA ngoxhaxha lwamacala ahlukene esolwa ngawo kodwa iyona esemhlane weLiverpool.
Nakuba iCity isishaywe kuyona yomibili imidlalo yayo yeligi edlule kodwa isanamathele kumaReds ngamawini ayisikhombisa kwengu-11 yeligi.
Ezimnandi kumaCitizens ukuthi umqeqeshi wawo, uPep Guardiola, usevumile ukwelula ngomunye unyaka inkontileka obekufanele iphele ekusongweni kwesizini ka-2024/2025.
I-Arsenal okuqale isizini ibalwa namaqembu angase adle isicoco ilokhu iya ngokuhlehla nyova yize isendaweni yesine kwi-log.
Ayisihlanu amaphuzu ezikaMikel Arteta ezisele ngawo kwiCity bese eba yisishiyagalolunye ezidonsa kanzima ngawo kwiLiverpool.
Maduze iLiverpool izokwamukela iCity okuwumdlalo ozocacisa okuningi kodwa womabili la maqembu abhekene nezinkinga ezahlukene njengoba kubuywa ekhefini.
ICity izokwamukela iTottenham bese kuthi iLiverpool ivakashele iSouthampton.
IChelsea elele isithathu kwi-log ikhombisa izimpawu zokuhlangana ngokushesha kunalokhu obekulindelekile ngaphansi kwesandla sika-Enzo Maresca, ofike kuyona ekuqaleni kwesizini.
Isiyonke imidlalo ye-EPL imi kanje:
Namuhla: Leicester v Chelsea (King Power Stadium, 2.30pm); Fulham v Wolves (Craven Cottage, 5pm); Everton v Brentford (Goodison Park, 5pm); Arsenal v Nottingham (Emirates Stadium, 5pm); Bournemouth v Brighton (Vitality Stadium); Aston Villa v Crystal Palace (Villa Park, 5pm); Man City v Tottenham (Etihad Stadium, 7.30pm).
Kusasa: Southampton v Liverpool (St Mary’s Stadium, 4pm); Ipswich v Man United (Portman Road, 6.30pm).
NgoMsombuluko: Newcaste v West Ham (St James Park, 10pm).