NGEYAMAGQUBU phakathi kwabaqeqeshi ababili, okunguRulani Mokwena weMamelodi Sundowns, noSteve Komphela weMoroka Swallows FC koweMTN8 namuhla (ngoMgqibelo) ngo-3 ntambama, eLucas Masterpieces Moripe Stadium, e-Atteridgeville, eTshwane.
Amehlo azobe ethe njo emabhentshini amaqembu, ukwedlula okuzobe kwenzeka ngaphakathi enkundleni.
Okuzodonsela amehlo ngasemabhentshini wumlando okhona phakathi kukaKomphela, noMokwena.
Yisizini yokuqala kaKomphela ecija iSwallows, emuva kokujoyina esuka kwiSundowns, lapho abeyingxenye yethimba labaqeqeshi ebeliholwa nguMokwena.
UKomphela, obengaqali ukusebenza noMokwena kwiSundowns, ushiye kungazelelwe kompetha beligi.
Eqinisweni kugcine kucaca ukuthi ushiye kungasahoshelwana kahle ngoba kuqubuke nemibiko ethi ngaphambi kokuthi kwaziwe ukuthi usengumqeqeshi weSwallows, bonke abasebenzi beSundows babazi ukuthi usekhona eqenjini.
Kuthiwa labo abaphatha ijezi nemifaniswano, baze bamkhiphela ngisho ezakhe (uKomphela) izimpahla azisebenzisa uma bezilolonga kwayima bezwa ukuthi, cha, asisekho isidingo.
Ngaphandle kwamaqhinga abaqeqeshi okugezelana igqubu kodwa nabadlali banakho ngokwehlukana okuzobenza bashikishe baqinise enkundleni.
ISwallows igcine ukuqukula isicoco ngo-2012. Ngaleso sikhathi, ibisabizwa ngeMoroka Swallows ngaphambi kokugawulwa yizembe, ibuye isiyiSwallows FC.
Kulindelwe kuyivusele umhlwenga iSwallows ukuqala imidlalo yesicoco eyagcina ukujabula ngaso, ibe isanda kubuyisa igama layo eliphelele nedume ngalo.
UKaputeni weZinyoni, uWandisile Letlabika, akagudlanga iguma okwembuzi, ngobunzima bokubhekana kwiSundowns.
“Yinto esingeke siyiphike ukuthi kuzoba ngumdlalo onzima ngoba sidlala neMamelodi Sundowns. Kodwa okumqoka ngasohlangothini lwethu, wukwethemba indlela esizihlelele ngayo bese siqikelela ukulandelela kukho konke esikwenzayo,” kusho uLetlabika.
ULetlabika, otshelekisana ngebhande lokuba ngukaputeni no-Andile Jali, naye njengoKomphela, unegqubu neSundowns ngokunjalo nomqeqeshi wayo ngoba uchithwe kunemibiko yokungqubuzana ngezifuba.
Ngaphezu kwakhe, iSwallows igabe ngabadlali abanamava kodwa asebephenduke izilahlwa naboya njengoDumisani Zuma, noGhabadino Mhango.
Bobabili basanda kuchithwa ngaMaZulu FC, ayekade ebacoshe kwiKaizer Chiefs, ne-Orlando Pirates. Bashiye eSoweto kukhalwa ngokwehluleka kwabo ukuziphatha.
Omunye umgadli omusha kwiSwallows, nguTshegofatso Mabasa.