I-PREMIER Soccer League (PSL) imemezele izinsuku, nezinkundla okuzodlalelwa kuzo imidlalo yama-quarterfinal omqhudelwano weMTN 8.
Le midlalo ebhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola ihlelelwe ukuthi idlalwe ngempelasonto ezayo, okungu-Agasti 12-13.
Amaqembu ayisishiyagalombili abamba iqhaza kulo mqhudelwano waminyaka yonke yilawo asuke eqede isizini yePremiership ekuTop8.
Phakathi kwemidlalo ebhekwe ngamehlo abomvu ngabalandeli bebhola abaningi, kubalwa oweMamelodi Sundowns neMoroka Swallows FC, owe-Orlando Pirates neSekhukhune United, noweKaizer Chiefs neCape Town City.
Okwenza oweSundowns neSwallows ubhekwe kakhulu yingenxa yokuthi iZinyoni seziqeqeshwa nguSteve Komphela, osuka kuwona kumaSandawane abeqeqesha kuwonangesizini edlule. Okubhekwe ngabomvu ukuthi uzokwazi yini ukusebenzisa amaqhinga angaqumba phansi leli qembu laseTshwane.
Kanti owePirates neSekhukhune uthathwa njengowempindamshaye ngoba eZimnyama zaguqisa iBabina Noko ngo 2-1 kowamanqamu eNedbank Cup ngoMeyi. Umdlalo phakathi kweChiefs neCity nawo ubhekwe kakhulu ngenxa yokuthi iThe Citizens yavala isizini edlule ngokuvulela isibhaxu sika 1-0 kuMakhosi.
Amathikithi ale midlalo azotholakala ngoR70 ezindaweni ezahlulene zeTicketPro ngoLwesihlanu oluzayo, kusukela ngo-2 ntambama.
Imidlalo yeMTN 8 imi kanje:
Ngo-Agasti 12:
Mamelodi Sundowns v Moroka Swallows (Lucas Moripe Stadium, 3pm); Orlando Pirates v Sekhukhune United (Orlando Stadium, 6pm)
Ngo-Agasti 13:
Cape Town City v Kaizer Chiefs (Athlone Stadium, 3pm); Supersport United v Stellenbosch FC (New Peter Mokaba Stadium, 6pm)