UMA kuneqembu elinamandla okunquma iBelgium, ekleliswe yaba sendaweni yesibili emaqophelweni eFederation of International Football Association (Fifa), kungaba yiMorocco.
Okungenani emaqenjini esizwe ase-Afrika, kwazise yiMorocco esendaweni engcono emazweni ezekwazi i-Afrika.
Nazi izizathu ezimbalwa ezizokuvezela ububi nobuhle ngeMorocco:
*Ubuhle - Ukubuyiswa kukaHakim Ziyech. Lesi siphekepheke siqale ukudlalela iMorocco kusuka ngo-2016 kodwa ngo-2018 basipakisa besisola ngokuzitshela ngenxa yokuzimukelwa yikhanda.
Ngaleso sikhathathi leli qembu belisacijwa nguVahid Halilhodžić waseBosnia & Hergezovinia.
Lokho kusolwe ngabantu abaningi njengenye yezinto ezilenze leli lizwe laphuma kuseva kwi-2021 Afcon ebidlalelwa eCameroon ngoJanuwari.
Empeleni ezikaZiyech ziqede endaweni yesihlanu kwi-2021 Afcon ebidlalelwa entshonalanga.
*Ububi - Selike ladliwa yiHungary ngo 6-0 emdlalweni weWorld Cup, okuyikho okungumuzwa obuhlungu asebeke babhekana nawo.
Iqembu abadlala nalo linobungozi balo yiBeglium esendaweni yesibili ngokukleliswa emaqophelweni eFifa.
IBelgium iholwa ngukaputeni wayo weminyaka, u-Eden Hazard, okungomunye wabadlali abanenhlanhla engandele bani, yokubizwa nomfowabo eqenjini lesizwe.
U-Eden ubizwe nomnawabo, uThorgan. Bobabili badlalille kwiSpanish La Liga. UThorgan, osekwiBorussia Dortmund, ubuya kwiBorussia Mochengladbach kanti umnewabo ukhuhla ibhentshi kwiReal Madrdid kusuka ahlubuka kwiChelsea.
Okuhle ngeBelgium: Kuhle futhi kubi ukuthi iBelgium isahamba nomqeqeshi ofanayo oseyilahlise inqwaba yezicoco, obonakala enenhlanhla engandele bani yokugcinwa yize imiphumela imphika.
UMartinezi, okungenani usenhlahleni yokuthi usakhula yize ephethe isizukulwane sezingwenya.
Lowo nguRoberto Martinez waseSpain. Lo mqeqeshi osebenze isikhsthi eside e-Englsnd, waze wacija nelinye lamaqembu athandwa kakhulu - i-Everton, uqale kwelesizwe laseBelgium kusuka ngo-2016.
Okubi ngeBelgium: yizinsuku zokugcina zesizukulwane sabadlali abacebile ngekhono lokudlala unobhutshuzwayo, okubalwa kuso abadlali abafana nezinsizwa zakwaHarzad kanjalo nobuholi bukaKevin de Bruyne noRomelu Lukaku.