UKUBA wumuntu ongeneliseki kukaRhulani Mokwena, ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns, ngisho izinto zibukeka sengathi ziqondile, yikhona okusebenza njengenjini yeqembu.
Lona wumbono kanozinti nokaputeni weSundowns, uRonwen Williams, awuveze ngesikhathi evula isifuba ngokuyikhona okuwukhiye ukuthi leli qembu laseChloorkop licoboshise kwasani.
ISundowns izotholana phezulu ne-Al Ahly yase-Egypt kowomlenze wesibili womdlalo owandulela owamanqamu we-African Football League (AFL) namuhla ngo-8 ebusuku eCairo International Stadium, e-Egypt.
EzikaMokwena ziya kulo mdlalo zihambela phezulu kwazise ziwunqobe ngo 1-0 wegoli likaThapelo Maseko, owomlenze wokuqala obungeSonto eLoftus Versveld.
Kusukela uMokwena ethathe lo msebenzi njengenhloko yabaqeqeshi kwiSundowns ngo-Okthoba nyakenye, iSundowns isiphule inqwaba yamarekhodi e-Premier Soccer League (PSL) abese ehlale iminyaka engathintwa.
UWilliams obesesithangamini nabezindaba ngomdlalo wabo ne-Al Ahly, uchaze uMokwena njengomqeqeshi ongeneliseki ngisho ngabe izinto zihamba kahle.
“UMokwena uwumqeqeshi omangalisayo. Uhlala njalo ecabanga amaqhinga okwenza abadlali bakhe babengcono ngaphakathi nangaphandle kwenkundla,” kusho uWilliams.
“Ngifike kwiSundowns ngikuqonda kahle ukuthi kunendlela yokudlala okungagudlukwa kuyona kodwa ngaphezulu kwalokhu, ngifike uMokwena esengihlelele inqwaba yama-video obekufanele ngiwabuke ukuze ngizoqonda kangcono ukuthi yini ebhekwe kimina.
“Kungihlabe umxhwele ukuthi uMokwena ungibukisa lama-video nje, ngesikhathi esifanayo uyangichazela ukuthi le indlela ebesenza ngayo ngesizini edlule manje sesizoqala ukudlala ngale ndlela njengoba sekufike mina.
“Ukuba nomqeqeshi ofana noMokwena kusenza sihlale sikulungele ukubhekana nanoma yisiphi isimo singabadlali beSundowns ngoba amaqhinga amasha akashodi ngawo futhi ngendlela esibuka ama-video amaningi ngayo, isikhathi esiningi (emidlalweni) sibhekana nezimo esisuke sesinesikhathi sikulungiselela ukubhekana nazo.”
Nakuba iSundowns ihlulekile ukudla isicoco seMTN8 neseCarling Black Label Knockout kodwa bancane abangabhejela ukuthi izohluleka ukuvikela isicoco sayo seDStv Premiership okwehlandla lesikhombisa kulandelana.