UMQEQESHI waMaZulu FC, uBrendon Truter, uvikele unozinti wakhe uVeli Mothwa, kulandela ukugxekwa kwakhe inkakha yeKaizer Chiefs, uDoctor Khumalo, obesola (lo nozinti) ngokwenzisa okwengane emdlalweni weBafana Bafana neBotswana ngoLwesibili ebusuku eGoli.
IBafana inqobe lo mdlalo wobungani ngo 1-0 obese kungokwesikhombisa kulandelana uMothwa engangenelwa igoli uma evimbele iqembu lesizwe.
Esiwombeni sokuqala uMothwa wenze okungajwayelekile lapho ejike waze waphinda kabili umgadli weBotswana phambi kwamapali.
Obekwenza lokhu kuthuse ukuthi lo nozinti wenze okufanayo ngesizini edlule Usuthu lubhekene neChippa United, yona engazange imyeke yamphuca ibhola lakhala enethini.
Ngemuva komdlalo weBafana, umqeqeshi wayo, uHugo Broos, ubevutha ekhononda ngabadlali abathile athe bamenzele phansi ebathembile waqinisekisa nokuthi ngeke aphinde ababize esikwatini.
UKhumalo obehlaziya lo mdlalo kwiSABC Sport ukhwele wadilika kuMothwa waze washo nokuthi akangabazi ukuthi ukhona kulaba badlali abathukuthelise uBroos.
“Iyangicasula le nto eyenziwa uMothwa ngoba ayikhombisi ukukhula. Okucika kakhulu ukuthi akaqali ukuyenza futhi useke wenza amaphutha ngayo kuMaulu,” kusho uKhumalo efuthelana.
“Abaqeqeshi bakuleli okuhlanganisa nami, lokhu akwenzayo mhlawumbe kwamukelekile kodwa kwabase-Europe, icala elibomvu futhi elingaxolelwa leli elenziwe uMothwa.
“Kufanele silwamukele ulaka lukaBroos uma kukhona abadlali abenza njengoMothwa. Ubani owaziyo mhlawumbe uyambala kubadlali athi ngeke aphinde ababuyise.
“Lo mjiko awenzayo ngeke umyise ndawo kodwa uzoqhubeka enze amaphutha lize limlahlekele nethuba lokumela izwe lakhe, okuyinto okufanele ngabe ugxile kuyona,” kusho uKhumalo kwiSABC lapho engumhlaziyi kanobhutshuzwayo khona.
UTruter akayiboni ngisho encane inkinga ekugcineni ibhola nasemjikweni kaMothwa Uthe lesi yisikole sakhe asifaka konozinti boSuthu.
“Okumqoka kimina ukuthi unozinti angangenelwa yigoli okuyinto aqhubekile nokuyenza. UMothwa ungunozinti weqophelo eliphezulu,” kusho uTruter kwabezindaba ngoLwesine.
Lo nozinti ubengekho ngesikhathi Usuthu luziqeqesha izolo. UTruter uthe unikwe ikhefu lokuyobona umndeni kodwa uzobuya ngoLwesihlanu. AmaZulu abezicijela ukubhekana neKaizer Chiefs ngeSonto kowomlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu weMTN8. Umdlalo ungo-3.30 ntambamba eFNB Stadium.
“Akalimele ndawo futhi ngokwami udlale kahle kwiBafana okwenza ngingacabangi ukuthi ngeke abe sekhempini yeqembu lesizwe elandelayo,” kuqhuba uTruter.
Empintshwa ngokugxekwa kwalo nozinti ngomjiko uthe:
“Indlela adlala ngayo iyona esifuna ukudlala ngayo njengeqembu ngoba ibhola seliphoqa ukuthi unozinti akwazi ukulidlala ngezinyawo.
“Lo umqondo engizama ukuwufaka konozinti beqembu kusukela ezinkulisa ngakho-ke ngineme ngendlela adlale ngayo.
“Okushiwo uKhumalo angikwazi ukuphawula ngakho ngoba naye wenza umsebenzi wakhe njengomhlaziyi futhi ngiyamhlonipha njengenkakha.”