UKUKHULUMA ngendlela yokudidisa umqondo okuhambelana notekula okusakubhuqa izimbangi komqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, kubukeka sekulibhebhezele isasasa lomdlalo obhekwe ngabomvu we-MTN 8.
IMamelodi Sundowns izotholana phezulu neKaizer Chiefs emdlalweni obhekwe ngabomvu ngabalandeli bebhola abaningi womlenze wokuqala kowandulela owamanqamu we-MTN 8, e-FNB Stadium, eGoli ngoMgqibelo (namuhla) ngo-3 ntambama.
IChiefs engosokhaya kulo mdlalo womlenze wokuqala, nakuba ibingayiqalanga kahle isizini kodwa muva-nje isiqala ukukhombisa izimpawu zokuba yiqembu eseliqala ukungena emshovweni.
Ayiphathwa-ke, eyeSundowns esalokhu iqhobozele kwasani okuphambi kwayo selokhu kuqale le sizini njengoba isayinqobe yonke imidlalo eyisikhombisa esayidlalile kuyo yonke imiqhudelwano kuze kube manje.
Kungakho-ke akumangazi ukuzwa uMokwena eqhubeka notekula kwakhe njengoba kulokhu eveza ukuthi akasoze ayidelela iChiefs kulandela ingxoxo ekhethekile aseke waba nayo nosihlalo waleli qembu, uKaizer Motaung.
“Ake nginixoxele ukuthi kwenzekani mhla ngiqala ukuhlangana noNtate (ubaba) Kaizer Motaung,” kusho uMokwena esithangamini nabezindaba.
“Wangibiza, wathi kimi, ‘kudala ngangifuna ukukhuluma nawe. Uyabona, ukuba akashonanga umkhulu wakho (uScara Sono), ngabe ayikho iKaizer Chiefs.
“Ngendlela engangimhlonipha ngayo umkhulu wakho nokuhle angenzela khona ebholeni, ngangingeke ngilisungule leli qembu (iChiefs) ukuba wayesaphila.’
“Cabanga-ke sengidelela iKaizer Chiefs phezu kwala mazwi ashiwo uMotaung, ukuthi angathini nje umkhulu wami lapho ekhona ezulwini.
“Ngakho ngiyayazi into engikhuluma ngayo ngoba kukhulu ukuxhumana nenhlonipho enginayo ngeChiefs noMotaung,” kusho uMokwena.
U-Eric “Scara” Sono owayeyisihlabani sePirates ngeminyaka yo-1960, unguyise ka-e-Ephraim “Jomo” Sono noJulius “KK” Sono, onguyise kaRulani.
“Ngikhulele eSoweto ngakho-ke bengiyibukela eminye imidlalo yamaqembu athathwa njengamakhulu, okuhlanganisa neChiefs futhi bengibezwa nabadala bekhuluma ngokuba nenhlanhla kweqembu.
“Angikusho lokhu ngoba ngidelela iChiefs. Iqiniso wukuthi siyodlala neqembu omunye umuntu ongazitshela ukuthi uNkulunkulu ungumlandeli walo,” kuqhuba uMokwena nokutekula kwakhe okusakubhuqa.
Ngakolunye uhlangothi umqeqeshi weChiefs, uMolefi Ntseki, uthe umdlalo wendebe awuhlelele ikusasa, kufanele wenze isisekelo esihle
“Ukwakha kahle isisekelo wukuhlelela umlenze wokuqala. Owomlenze wesibili uyozihlelekela wona. Kungani? Yingoba kunemidlalo okumele siyidlale phakathi kowomlenze wokuqala nowesibili. Indlela esiyihlelayo ngeyokuthi yonke imidlalo esiyidlalayo siyithatha ngeyamanqamu.
“Ngakho awukho umehluko njengoba siza kulo mdlalo, ngoba sijabule ngenqubekela phambili esiyibonayo eqenjini nangokushaya amagoli. Ngakho izofana indlela esizowuthatha ngayo umdlalo wethu neSundowns,” kusho uNtseki.