ISILOMO seBafana Bafana osekuphele izinyanga sisala ngaphandle kuleli qembu lesizwe, uPercy Tau, siyalwe ngokuqinisekisa ngokushesha ukuthi siyabuyela esikimini se-Al Ahly yase-Egypt, noma sifuna iqembu elisha ngoJanuwari, uma sizimisele ngokumela izwe laso.
Sekudlule amakhempu eBafana amabili lo mdlali obengukaputeni wayo phambili engabonwa nangokhalo kuleli qembu lesizwe ngenxa yezizathu ezahlukene.
NgoMsombuluko ntambama, uHugo Broos, opheka leli qembu uphinde wakuveza ukuthi into okuyiyona engabuyisela uTau eqenjini ukuthi adlale imidlalo yeligi.
Kusukela uTau efikile kwi-Al Ahly ayijoyine esuka kwiBrighton and Hove Albion yase-England, sincane kakhulu isikhathi asichitha enkundleni ngenxa yokulimala nokweqiwa ijezi kwi-Ahly.
Yize uTau eqalile ukuziqeqesha ngokugcwele muva nje, uBroos uqome ukumshiya ngaphandle kwiBafana ezongcwekisana neMozambique ne-Angola ngokwahlukana ngoLwesine nangeSonto, eMbombela Stadium.
“Okumqoka kubona bonke abadlali bebhola abakhona emhlabeni ukuba senkudleni okuyinto osekuphele isikhathi eside ingenzeki kuTau,” kusho lo mqeqeshi waseBelgium, kwabezindaba ngoMsombuluko e-Ingwenyama Resort, ngaseMbombela, eMpumalanga.
“Engikufisayo ukuthi uTau aqale adlale imidlalo kwi-Al Ahly kodwa uma lokhu kungenzeki, ngibona kungcono ukuthi athungathe iqembu (azodlala kulona) ngoJanuwari ngoba lokho yikhona kuphela okuzombuyisela kwiBafana.
“Eminyakeni emibili edlule, uTau ubelimala kulandelana obekulandelwa ukuthi nemizuzu ayichitha enkundleni iye ngokuya yehla.
“Kusukela ekupheleni kukaJuni nonyaka, usadlale imizuzu engu-18 kuphela. Lokhu akukuhle kuyena uqobo ngoba uyalahleka umgqigqo kumdlali uma engekho enkundleni isikhathi esiningi. UTau akuyena umdlali okufanele ahlale ebhentshini!
“Kulungile-ke ngiyavuma kuyenzeka manje kodwa uma kungashintshi lokhu kuzosisiza sonke ukuthi athole iqembu ngoJanuwari.
“Sidinga uTau ophilile ngoba lo esimbone kule midlalo embalwa yeBafana ayidlalile, kucacile ukuthi akekho esimeni esidingekayo.
“Asikwazi ukukhuluma kabanzi ngoTau kule khempu yamanje ngoba akekho ngenxa yokungadlali eqenjini lakhe” kusho uBroos.