ISILOMO seBafana Bafana uPercy Tau, sihlabe ikhwelo kwabathanda ibhola likanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika. UTau unxusa ukuthi bangaliyeki ithuba lokuba yisiqalo sohambo olubheke kweyeNdebe yoMhlaba ka-2026, e-United States of America (USA), eMexico, naseCanada.
IBafana izoqala imidlalo ka-Group C yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngokwamukela iBenin ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ayisithupha amazwe abanga indawo eyodwa kuleli qoqo lapho iBafana iboshelwe neBenin, Rwanda, Nigeria, Lesotho neZimbabwe.
UTau ovuthayo eqenjini lakhe i-Al Ahly, e-Egypt, utshele abezindaba ngenkathi esekhempini yeBafana kuleli sonto, ukuthi ufisa wonke umlandeli alisebenzise ithuba lokuba yingxenye yohambo olubheke koweNdebe yoMhlaba oluqala, eThekwini.
“Ukuze uhambo lwethu lube yimpumelelo, kusemqoka ukuthi bonke abathintekayo kwezikanobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika bafake isandla noma yingayiphi indlela,” kusho uTau.
“Umthwalo awukho kithina badlali nabaqeqeshi kuphela kodwa sonke siyadingeka kusukela kwabezindaba kuze kufike nakubalandeli uqobo. “Kumnandi ukubona ubuso engibaziyo njengoba ngibuye ekhaya kodwa okumqoka ukuqala kahle imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
“Sonke siphupha ngokudlala ngo-2026 kodwa siyaqonda ukuthi kuzodingeka zonke izinsiza esingazithola ukuze iphupho lethu libe yiqiniso. Alukho uvalo lokwesaba ukwehluleka. Sesidlale ndawonye isikhathi eside. Sidinga bonke abalandeli abangaphumelela koweBenin, ukuze bazibale emlandweni ngokuthi babekhona mhla uhambo luqala,” kuphetha uTau.
Amathikithi omdlalo weBenin ayatholakala kwaTicketpro ngoR50 awabadala, nangoR20 awezingane ezineminyaka engaphansi kwengu-13.
Indlela ephoxayo ebihanjelwa ngayo imidlalo yeBafana yakamuva ikakhulu eGauteng, imshiye ekhalaza umqeqeshi uHugo Broos, nokaputeni weqembu uRonwen Williams. UWilliams wakuveza ukuthi akumnandi ukudlala ubukwa yizihlalo.
NgoLwesibili iBafana izovakashela iRwanda kowesibili umdlalo ngaphansi kuka-Group C ngo-3 ntambama, eHuye Stadium, eRwanda.