LIKHULU ithemba kusihlalo weTS Galaxy, uTim Sukazi, lokubuya ngaphambi kokuphela kwesizini komgadli wezakhe, uBernard Parker, olimale kanzima onyaweni ekuqaleni kwenyanga edlule.
UParker uphulwe uBongani Zungu weMamelodi Sundowns koweCarling Black Label Knockout Last 16, kwaphoqeleka ukuthi angawuqedi umdlalo esekhishwa ngohlaka.
Ngaphandle kokulimala kukaParker (37) abaningi abebezitshela ukuthi sekuwuphela kwezinsuku zokudlala kwakhe ibhola, okwacasula abaningi ababephawula ezinkundleni zokuxhumana, wukungashayi mkhuba kukaZungu umonakalo awadala.
Lo mgadli ube esehlinzwa njengamanje uhamba ngezinduku.
USukazi ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi kumangale ngisho odokotela ngendlela alulama ngokushesha ngayo lo makadebona owazakhela igama kwiKaizer Chiefs.
Njengoba uParker seyimushiyile iminyaka, iningi lizwakalise ukukhathazela ngekusasa lakhe. Naye ucashunwe ngabakwaSupersport esho okufanayo.
Ebuzwa uSukazi ngesimo sakamuva ngokululama kwalesi sithenjwa sakhe, uthe: "Sijabule ngendlela eyisimanga ngesimo sikaParker. Nathi sinethimba lodokotela kuyasimangaza lokhu kululama ngokushesha. Ezinsukwini ezedlule besihlangane nodokotela besitshengisa isithombe sethambo lakhe elihlangana ngokushesha. Basitshele ukuthi uma isimo sakhe sizoqhubeka ngale ndlalo ingase iphele le sizini eyigijimile imidlalo emibili noma owodwa.“
Lesi sikhulu siqhube sathi kabazange bamyekelele uParker ezindlekweni zokwelashwa.
"Lapha kwiGalaxy siwumndeni oxhasanayo. Ngemuva kokulimala kwakhe siqongqothe ebesinako, saqasha ongoti abamsizayo. Kuyasijabulisa ukuthi inezithelo imizamo yethu esiyenza ngokubambisana nomndeni wakhe. Vele bengikushilo ukuthi ngeke simlahle uma egcina ngokuliyeka ibhola. Ulindwe wumsebenzi kwiGalaxy uma egcina ngokuthatha isinqumo sokuliyeka ibhola," kubeka uSukazi.
Akumangazi nokho okushiwo yilesi sikhulu. Ngemuva kokulimala, ngakusasa kwasabalala isithombe sakhe ezihlekela, evakashelwe ozakwabo esibhedlela. Kwavela ukuthi wayeqeda kuhlinzwa.
Akuphelanga sikhathi esingakanani, kuphinde kwasabalala isithombe ehleka, etetwe unkosikazi wakhe, behambele enye yezinxanxathela yezitolo. Kwamanye ama-video awafaka ekhasini lakhe le-instagram, uyabonokala ezivocavoca ekhaya.
Ukululama kwabadlali ngokushesha kunesikhathi esijwayelekile kuya ngokwanda kamuva. Ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, umangaze abaningi elula ngokushesha kulandela ukulimala edolweni wakwazi ukudlala eNdebeni yoMhlaba abayivikele ngempumelelo eFrance. Walimala ngo-Ephreli, kwakulindeleke uhlale izinyanga eziyisithupha kuya kweyiziyisishiyagalombili kodwa ubeseluleme ngo-Agasti.
Kube esifanayo nakumshwibi wamaProteas, uKeshav Maharaj elulama ezinyangeni eziyisithupha kwi-achilles evamise ukuthatha izinyanga eziyisishiyagalolunye ukuya onyekeni ukuphola.