UMQEQESHI weqembu lesizwe lase-England, uGareth Southgate, ungomunye wabaqeqeshi abangu msinsi wokuzimilela emazweni abo futhi abahola amaqembu esizwe koweNdebe yoMhlaba 2022, eQatar.
USouthgate (52), ubalwa nabaqeqeshi bamazwe athathwa njengezingqungqulu emqhudelwaneni, okubalwa iBrazil, i-Argentina, iNertherlands, iSpain neFrance engompetha abavikela isicoco seNdebe yoMhlaba eyasinqoba ngo-2018, eRussia.
USouthgate owagijima amahlandla angu-57 esengumdlali eqenjini lesizwe lase-England, wathatha izintambo zokuqeqesha i-England ngo-2016 ngemva kokwesula kukaSam Allardyce.
Uthatha izintambo zokuqeqesha iqembu elikhulu leThe Three Lions nje, inkonyane yayingasethuki isisinga ngoba wayeseqeqeshe isikhathi eqenjini lesizwe lika-Under 21 lakuleli yazwe.
Nebala ngemuva kwesikhathi esingengakanani engene kwesokuqeqesha elase-England, uSouthgate wahola ngempumelelo izwe ekuzibekiseleni indawo kwiNdebe yoMhlaba yango-2018, walihola lifinyelela kowandulela owamanqamu.
Kwaba yisenzo esincomekayo somqeqeshi ngoba iqembu lesizwe lamaNgisi laligcine eNdebeni yoMhlaba ka-1990, ukufinyelela esigabeni sowandulela owamanqamu ngaphansi komqeqeshi, uSir Bobby Robson.
Ukufinyelela kwe-England kowandulela owamanqamu eNdebe yoMhlaba ngo-2018, eRussia, ngenye yezinto ezabuyisa inhlansi yethemba kubathandi bebhola base-England, nesizukulwane esidala esabagcina ukujabulela ukubona iqembu linqoba iNdebe yoMhlaba ngo-1966.
Ngakho akungatshazwa ukuthi eNdebeni yoMhlaba nonyaka kubhekwe ngabomvu ukuthi uSouthgate nezakhe bazodudulana neSenegal koweLast 16 kusasa ngo-9 ebusuku, bazokwazi yini ukuhamba ibanga kulo mqhudelwano benze okungcono kunango-2018.
I-England iyiqale ngonyawo oluhle iNdebe yoMhlaba ngokunenebula i-Iran ngo 6-2, yabambana ngo 0-0 ne-USA, yazibekisela indawo emzuliswaneni weLast 16 ngokubhaxabula iWales ngo 3-0 emdlalweni wokugcina esigabeni samaqoqo kwiGroup B.
Izotholana phezulu neSenegal kusasa ngo-9 ebusuku, komunye wemidlalo obhekwe ngabomvu yeLast 16 kule mpelasonto.
Okuqaphelekayo esikwatini esihlanganiswe nguSouthgate, wukuthi baningana abadlali ababekhona ngo-2018 iningi labo okungabadlali abanamava.
Phakathi kwabo kubalwa ukaputeni uHarry Kane, unozinti uJordan Pickford, uKyle Walker, uHarry Maguire, uJordan Henderson, uRaheem Sterling, noMarcus Rashford owenza ezibukwayo selokhu kuqale iNdebe yoMhlaba.