UBONA elele kwi-Orlando Pirates amathuba okuthi uMelusi Buthelezi abe sesikwati esizodlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), uJomo Sono okunguye ovumbulule lo nozinti ebholeni elikhokhelayo.
Lo nozinti odabuka eNquthu, ufike kwezwakala njengoba kunguyena osathenjwa ezintini zeziMnyama, ethatha ijezi kuSipho Chaine obeqale isizini. UButhelezi usadlale emihlanu yeDStv Premiership nemibili yeCarling Black Label Knockout.
Usanda kuthola umdlalo wakhe wokuqala wabakhaya baseSoweto bebhekene ne-Orlando Pirates. Ube nomdlalo omuhle njengoba engangenelwanga yigoli.
Nasemdlalweni owandulela owabakhaya, akazange alilande ibhola enethini behlula iSekhukhune United.
UButhulezi ubekhona eqenjini lesikhashana lomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngaphambi kokuthi alinqamule azibe abadlali abawu-23, okuyibona abadlale neBenin nabazodlala neRwanda kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Konozinti kwelesizwe kugcine kusele uRonwen Williams weMamelodi Sundowns, Veli Motha waMaZulu noRicardo Goss weSuperSport United.
UBroos waqala ukubiza okokuqala uButhelezi nyakenye iBafana izodlala eyobungani neSierra Leone neBotswana. KoweSierra Leone walithola ithuba lokuvimba.
Ngaphambi kokuqala kwale sizini ube esejoyina iPirates ephuma kwiTS Galaxy abenza izimanga kuyo. Yona yayimthathe kwiJomo Cosmos eyayikade idlala kwiMotsepe Foundation Championship ngaleso sikhathi.
USono iqembu lakhe eselidlala kwi-Safa Gauteng ABC Motsepe League, utshele Isolezwe ukuthi uyaziqhenya ngoButhelezi.
Ube esenza amancoko ngokuthi iGalaxy nePirates kumele bamubonge ngenxa yokukwazi ukuvundulula amakhono.
"Phela mina ngiyaphuma ngiye ezindaweni zasemakhaya, KwaNongoma, eMsinga nakoNquthu. Abanye bahlwaya amakhono ngamakhompyutha. Abantu baqamba amanga bathi abekho abadlali kuleli, emakhaya liyindathane ikhono. Lo mfana (uButhelezi) ngamtomula abantu bemngabaza, nginehlo phela mina," kubeka uSono sakuntela.
Uncome lo nozinti ngokuba nesisekelo esiqinile.
"UButhelezi ube nenhlanhla yokucijwa ngendlela yezinga eliphezulu lapho esuka khona. Nathi lapha kwiCosmos asibanga nayo inkinga yokumfaka emgqeni ofanele. Empeleni ngikholelwa ekutheni ubengasuka kithina ajoyine elinye lamaqembu amakhulu. Nokho ngeke ngikuphike ukuthi kumsize kakhulu ukuqala kwiGalaxy ngaphambi kokuya kwiPirates. Unenhlanhla yokukwazi ukulisebenzisa ikhono lakhe ngayo yonke indlela idalwe ngayo," kuqhuba uSono.
Ujobelele ngokuthi kube yisinqumo esingesihle ukuthi lo nozinti akhishwe eqenjini lokugcina elizodlala kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
"Namanje ngisasho uzobanjwa kude lo mfana. Engikufisayo ukuthi iPirates iqhubeke nokumvimbisa ukuze ezothola isipiliyoni. Lokhu kuzokwenza nokuthi ahlale esemehlweni omqeqeshi weqembu lesizwe. Angingabazi ukuthi uzobakhona kwi-Afcon ngonyaka ozayo uma iPirates izomsebenzisa ngokwanele," kusho uSono.
Kulindeleke ukuthi kuqhubeke yena uButhelezi uma ezakhe sezibhekene neRichards Bay koweDStv Premiership, ngoMgqibelo, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.