UBALISA ngosizi lokungakwazi ukuthola umsebenzi uXola Mlambo obengumdlali we-TS Galaxy enqamule inkontileka abenayo ekupheleni kwesizini edlule.
UMlambo (32) oke wadlala nakwi-Orlando Pirates, wajoyina iThe Rockets ekuqaleni kwesizini ka-2022/2023 ngemuva kokuthi ededelwe AmaZulu FC.
Wafika khona wasayina inkontileka yamasizini amabili.
Ngaphansi komqeqeshi, uSead Ramovic, kubukeke izinto zimhambela kahle njengoba ubelithola ithuba lokudlala.
Nakuba kungacaci ngayo yonke imininingwane kodwa izinto phakathi kweGalaxy noMlambo ziqale ukonakala ngasekupheleni kwesizini edlule.
Kwavela ukuthi wathola umyalelo wokuthi angabe esajima nabanye abadlali kodwa azilolonge yedwa eceleni.
Wagcina ukudlaliswa ngoMeyi, iGalaxy ibambana ngo 1-1 neSekhukhune United.
Sekuphele isizini kwavela ukuthi leli qembu likaTim Sukazi liqome ukuyinqamula inkontileka yokusebenzisana naye.
UMlambo utshele Isolezwe ukuthi okumkhathaza kakhulu ukuthi akakwazi ukujoyina amanye amaqembu ngoba iGalaxy kayifuni ukumnika iphepha elimkhululayo nemali yokunqamula inkontileka yakhe.
"Uma ngikutshela iqiniso, angizange ngitshelwe ukuthi kufinyelelwe kanjani esinqumeni sokunqanyulwa kwenkontileka yami. Kwenzeke lokhu konke kuhamba kahle njengoba nethuba lokudlala bengilithola. Ngibe sengisamukela lesi sinqumo. Inkinga iqale sengifuna imali yami nephepha elingikhululayo. Sizame ngakho konke ukuthi kubanjwe imihlangano ngenhloso yokuthola isixazululo esizovuna zombili izinhlangothi.
"Ngisuka kude noSukazi, ngiyamhlonipha, yingakho ngingafunanga ukuba ingxenye yezingxoxo. Bezibanjwa imenenja yami. Ngebhadi kugcine kungavunyelwananga," kubeka uMlambo.
Uqhube wathi ibuhlungu into ayenziwa iGalaxy.
"Nakuba ngingeke ngande kodwa akhona amaqembu angifunayo. Ngizowajoyina kanjani njengoba iGalaxy inganginiki iphepha lami? Ngiphucwa ithuba lokwenza into engiyithandayo nengiphila ngayo. Ngigcine ukuhola ngoJuni. Kazi iGalaxy ithi ngidlani kuzo zonke lezi zinyanga? Sengiphila ngemali yamabhizinisi engawavula. Ibuhlungu le nto eyenziwa kumina.“
UMlambo ube eseveza ukuthi lolu daba uselufake kwiPSL Dispute Resolution Chamber (DRC). Ulindele ukuthi luhlalelwe ingakapheli inyanga ephezulu.
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola uhlangothi lweGalaxy njengoba ucingo lukaSukazi belungabanjwa izolo. Kube ngesifanayo nakuBasia Michaels weQT Sports Management ephethe izindaba zikaMlambo. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela laba bengayiphenduli nemiyalezo abathunyelelwe yona ngo-WhatsApp.
UMlambo oyibamba esiswini waqala ukudlala esigabeni esikhulu ngo-2015/16 ejoyina iChippa United. Kweka-2016/17, wajoyina iBidvest Wits. KweZimnyama wafika ngeka-2017/18.
Ukholwa wukuthi usazolidlala ibhola esigabeni esikhokhelayo.
"Angikakazi ukuthi ngizowagaxa nini amakhokho emgibeni. Ngizotshelwa umzimba wami uma sekufanele ngenze lokho. Okwamanje usavuma, ngikulangazelele kakhulu ukubuyela ensimini," kubeka uMlambo.