AKALILAHLILE ithemba lokudlala emaligini amakhulu emhlabeni uSiphephelo "Yaya Toure" Sithole, nakuba esagijima esigabeni esiphansi ePortugal.
Ezinyangeni ezedlule uCele utshele Isolezwe ukuthi unethemba lokuthi uzolithola iqembu kwelinye lamazwe ahlonishwayo ngebhola, okukhona kuwo iSpain, England, Germany neFrance njengoba, inkampani ephethe izindaba zakhe ibixoxa nawo.
Ubekhuluma ngemuva kokuthi iqembu lakhe iBelenenses SAD ligawulwe yizembe kwiPremeira Liga, lehlikela kwiLiga Portugal 2.
Njengamanje iBelenenses isendaweni yesithathu uma kusukwa emsileni.
Nakhona lapha esigabeni esiphansi izinto kazilihambeli kahle iqembu likaSithole.
Emidlalweni ewu-13, lisanqobe imidlalo emibili kuphela, ladlala ngokulingana kwemithathu, lase lidliwa kweyisishiyagalombili. Linamaphuzu ayisishiyagalolunye kuphela.
Iqembu eligqame kakhulu kwabefuna uSithole, phesheya, yiLOSC Lille yaseFrance eyayisha amashushu ngaye, ifuna ukumsayinisa into esheshayo. Naye lo mdlali wakuqinisekisa ukuthi leli qembu laseFrance belimfuna uthuli.
Elinye okubikwe ukuthi liyamdinga ngelaseGermany.
Izolo ekhuluma naleli phaphandaba uSithole, uveze ukuthi la maqembu ayeveze ukuthi ayamfuna kaziphelile izingxoxo nawo kodwa bathathe isinqumo sokuthi asize iqembu lakhe elithwele kanzima kwiligi.
"Asazi mhlawumbe ngesizini ezayo lizogcina liphumelele iphupho lami lokuyodlala kula maligi ebengifunwa amaqembu adlala kuwo. Nakuba ngingeke ngande kakhulu kodwa sithathe isinqumo sokuthi ake ngigxile ekusizeni iqembu esimeni elikuso,“ kusho uSithole.
“Njengoba uzibonela isimo kasisihle, sizama ukuthi sisuke kulesi simo esikuso. Laba bantu (Belenenses) bangenzele lukhulu, kumele ngife lapho befa khona. Nalapha ePortugal, esigabeni esikhulu akhona amaqembu angifunayo kodwa akukho okusaphatheka.
“Ungangizwa kabi, uma kukhona okuhle okuqhamukayo ngeke ngiliyeke lelo thuba. Nakuba ngisalwela ukuqhwaga indawo esiswini seBelenenses kodwa ngijabule, sekufana nasekhaya," kubeka uSithole.
Lo mdlali oyibamba esiswini ungomunye wabakhiqizwe iKZN Academy. Lesi sikhungo samthumela ePurtugal ehambisana noThabo Cele osegijima kwiRadomiak Radom yasePoland.