ISILOMO somgijimi wakuleli, u-Akani Simbine, sithi ngeke kusiqede amandla okwenzeke kowandulela owamanqamu ebanga lika-100m, kumaWorld Athletics Championships, sikhishwa emjahweni ngenxa yokusolwa ngokusuka kuqala kunabanye abasubathi.
Lokhu kunciphise ezindondo eqenjini leNingizimu Afrika njengoba uSimbine obengomunye wababhekwe ukuthi batholele izwe umhlomulo.
Ngesikhathi enikwa ikhadi elibomvu emqhudelwaneni oqhubeka, eBudapest, eHungary, ubonakale engakholwa. Uze wazenelisa ngokuyobuka ividiyo yokwenzekile, wase ephuma enkundleni.
Elakuleli liye emqhudelwaneni likwenkulu ingcindezi yokugeza igama ngemuva kokuthi ngo-2019 nango-2022 lingatholanga izindondo, eDoha nase-USA ngokwehlukana.
USimbine ufike eBudapest esefomini enhle njengoba ubeyiqale kahle isizini, eshaya izikhathi ezihle kwiDiamond League.
Usezoze abonakale kwi-4x100m Relay ama-heat ayo aqala ngoLwesihlanu.
Ngemuva kwalesi sehlakalo, uSimbine uveze ukuthi uphoxeke kakhulu.
“Ngiphoxekile. Ngiyaqala ukushaya ukukhishwa emjahweni ungakaqali, selokhu ngaqala ukugijima, ngakho ngidumele kakhulu, kusho uSimbine ekhuluma nabeVirgin Sport Media kwi-Youtube.
Ebuzwa ngomthetho wokungabi nesexwayiso kubagijimi ngaphambi kokuthi bakhishwe emjahweni, uthe: “Wawukhona phambilini (umthetho wesixwayiso) kodwa kukhona ababewusebenzisa ukuphazamisa abanye.
Bengingajabula kakhulu uma kuthiwa ngithole elinye ithuba lokugijima kodwa umthetho wumthetho. Ngiyawulandela.”
Kwemine imithombo yezindaba uthe okwenzekile ngeke kumthene amandla.
"Ngisizwe wukubekezela ukuze ngifike kuleli zinga. Lokhu okungehlele ngeke kungiqede amandla," kusho uSimbine.
Kowamanqamu kugcine kunqobe uNoah Lyles wase-USA (9.83), indawo yesibili ithathwe nguLesile Tebogo waseBotswana (9.88), uZharnel Hughes waseGreat Britain wathatha indondo yethusi (9.88).
UTeboho uqophe umlando ngokuba wumgijimi wokuqala wase-Afrika ukuthola indondo kwi-100m. Ekhuluma kwabezindaba nabe-Letsrundotcom, uthe ukube ubenamandla indawo yakhe ubengayinika uSimbine ngoba “yena kade ayeyisebenzela”.
“Ngijabule kakhulu ngokuthola isiliva. Besingalilindele. Izinhlelo zethu bekuwukuthi singene kowamanqamu,” kuqhuba uTebogo.
Umgijimi waseKenya othembisayo, uFerdinard Omanyala uphume endaweni yesikhombisa kowamanqamu kwi-100m.
Abanye abagijimi bakuleli uZeney van der Walt, udlulele kweyandulela owamanqamu kwi-400m abesifazane.
Omkhaya bakhe kuleli banga, uMarli Viljoen noMiranda Coetzee abalibonanga elidlalayo.
Uhlulekile ukudlulela phambili noYolanda Stander kwiWomen's discus throw qualification Group A. Kwi-heat 1 u-Antonio Alkana uqede kweyesishiyagalolunye kwi-110m hurdles.
Akuhambanga kahle nasensizweni, u-Adriaan Wildschutt eqede kweka-14 ebangeni lika-10 000m. UTshepo Tshite kwale kancane angene kowamanqamu kwi-1500m egejwa yindawo yesithupha kowandulela owamanqamu.