Mamelodi Sundowns (2) 2
Kaizer Chiefs (1) 1
UPETER Shalulile ube yiqhawe eshayela iMamelodi Sundowns amagoli amabili iguqisa iKaizer Chiefs emdlalweni womlenze wesibili wowandulela owamanqamu eMTN 8, eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgvile, ngoMgqibelo ntambma.
Unozinti weChiefs, uBrandon Peterson, osejwayele ukuba namaphutha, uphinde wenza iphutha elingaxoleleki ehluleka ukususa umhlola ikhaya kade ephaselwe ibhola, lawela ezinyaweni zikaShaulile ongabange esacucuza walibhajiswa ezintanjeni zibeke nje ebhandeni ngomzuzu wokuqala umdlalo uqalile.
Ngemuva kwaleli goli abadlali basemuva beChiefs bebenza amaphutha abedala ukuthi abalandeli baleli qembu bavungame, abanye bethi akushintshwe.
Nokho, kuthe gidi kwiChiefs ngenkathi ithola iphenathi ngomzuzu ka-33 kulandela ibhola elishaye esandleni kuSipho Mbule ngaphakathi ebhokisini, lakhonjwe emlotheni, u-Ashley Du Preez wavalela phakathi iphenathi ngomzuzu ka-34.
Ngenkathi sekuqala ukubuya ithemba kwabeChiefs njengoba bese zilingana ngamagoli kungu 2-2 uma sekuhlanganiswe namagoli angomdlalo womlenze wokuqala owawuphele ngo 1-1, kuphinde kwavuka isifo esibi sodonga lwasemuva lweChiefs sokuhuqa ubuthongo ngemizuzu yokugcina ngenkathi uShalulile engqomfela phakathi ibhola engamakwe muntu ngomzuzu ka-45 sekusele kancane kukhale impempe ezikhomba ekhefini.
Ukuboza kwesitobha seChiefs, uSifiso Hlanti obenesandla ekungeneni kwegoli lesibili ededela uShalulie angqomfele phakathi igoli engamakwe muntu ngesiwombe sokuqala, yikho kanye okwenze uHlanti akangabe esabuya ngesiwombe sesibili indawo yakhe isithathe u-Edmilson Dove.
IChiefs ebizimisele ngokuthola igoli lokulinganisa ifake abagadli ababili, uChristian Saile noJason Gonzalez ezindaweni zoTebogo Potsana noPule Mmodi,
USaile ongene nomnyakazo ucishe waba wumvusi wenyamazane ngomzuzu ka-62 ngenkathi ethwala amadoda eqhamuka ngasophondweni lwesokudla maqede egoba ibhola elihlangana nonyawo lukaDu Preez, kodwa wala ukhasha unozinti weSundowns uRonwen Williams.
Yize zibe khona iziqubu zokuhlasela nxazombili kula maqembu, kodwa awekho amabhola anzima avinjwe ngonozinti ngesiwombe sesibili, yize iSundowns ibilokhu iqhubekile nokuba phezulu ngomdlalo.
AmaSandawane asezibekisele indawo kowamanqamu eMTN 8 ngo-Okthoba 7, aselinde ozonqoba phakathi kwe-Orlando Pirates neStellenbosch FC komunye umdlalo wowandulela owamanqamu ozoba se-Orlando Stadium, eSoweto, ngeSonto.