UBHOBOKA ngobuhlungu bokubizwa ngawo wonke amagama alumelayo nokutshelwa kwezikabhoqo ukuthi bayaboza, uMduduzi Shabalala ongumunye wabadlali beKaizer Chiefs abasebancane.
IChiefs enomlando omude wokunqoba izicoco nokuyenze yangelinye lamaqembu ahlonishwayo kuleli, sekuphele iminyaka iyinhlekisa ngenxa yendlala yezinkomishi kusukela ngo-2015.
Ngendlela okungayihambeli kahle ngayo kulezi zinsuku, ilengela ekuqedeni ngaphandle kweTop 8. Ukushaywa kwayo emidlalweni emithathu kulandelana sekwenze yehlela endaweni yeshumi kwi-log ngamaphuzu awu-30 emidlalweni ewu-24.
Okusho ukuthi emidlalweni eyisithupha esele sekumele ilwele ukuzitakula kule ndawo ikwazi ukungena kwayisishiyagalombili okuzogoqwa imidlalo yeDStv Premiership ephezulu. Lawo maqembu azobe ezinikeze ithikithi lokudlala kwiMTN8 ekuqaleni kwesizini ezayo.
Esithangamini sabezindaba, uShabalala (20), oyibamba phambili nesisu, utshele abezindaba ukuthi bathwele kanzima njengoba abalandeli besho wonke amagama alumelayo kubo.
"Kubuhlungu ukuvuka ekuseni ubone abantu bekungabaza, bengakwethembi, bekuthuka ngendlela yokuthi baze bathi awulazi ibhola. Abanye bethu basebancane, nokho lesi simo sisifundisa ukuba amadoda," kubeka uShabalala osadlale ewu-13 yeDStv Premiership.
Uveze ukuthi usizwa ukungabanaki abaphimisa la mazwi alumelayo.
"Ngivele ngehlise umoya. Kwesinye isikhathi kumele ukukhethe okulalelayo. Ngiyazazi ngiwumdlali wezinga eliphezulu. Ukubhedelwa izinto akusho ukuthi siyizinkomo. Isimo esikuso sivelela noma yiliphi iqembu. NeMamelodi Sundowns yake yathwala kanzima kufika umqeqeshi uPitso (Mosimane). Senzeka nasemaqenjini amakhulu, afana neBarcelona, Chelsea namanye.“
UShabalala ongumkhiqizo wenkulisa yawo Amakhosi, uthe yibo abazozikhipha kulesi simo abakuso.
"Kungcono ukuqala ngokuhlupheka bese ugcina ngokubusa. Ngesifanayo nakwiChiefs, ngifisa ukuba seqenjini labadlali bayo abazobuyisa izinsuku zenjabulo," kuqhuba lo mdlali okuvumile ukuthi akakadlali ibhola elihle selokhu enyuselwe eqenjini elikhulu.
NgoMgqibelo, iChiefs izophuma omunye umkhankaso wokufuna amaphuzu aphelele njengoba izobhekana neSuperSport United, koweligi, ngo-5.30 ntambama, ePeter Mokaba Stadium. Ngemuva kwalo mdlalo izodlala neSundowns.
UShabalala uthe kuzomele banqobe noma ikanjani.
"Kusiphoqa ukubuyelwa ukuzethemba ngaphambi kwalo mdlalo ukuze sizoqoqa amaphuzu amathathu bese sibuyela kwi-Top 8. Ngaleyo ndlela sizoya koweSundowns sihambela phezulu. Inabadlali bezinga eliphezulu.“
Wukugula okufanayo kwiChiefs nakwiSuperSport. Sekuphele eyisishiyagalolunye iSuperSport yagcina ukunqoba. Okungcono ngayo ukuthi isendaweni yesihlanu, ngamaphuzu awu-35, emidlalweni ewu-24.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: TS Galaxy v Moroka Swallows (Lucas Moripe Stadium); Cape Town Spurs v Richards Bay (Athlone Stadium).
Kusasa - Ngo-3pm: AmaZulu v Chippa United (Moses Mabhida Stadium).
Ngo-5.30pm: Kaizer Chiefs v SuperSport United (Peter Mokaba Stadium).
Ngo-8pm: Stellenbosch v Polokwane City (Danie Craven).
NgeSonto - Ngo-3pm: Royal AM v Orlando Pirates (Harry Gwala Stadium).
Ngo-5.30pm: Cape Town City v Golden Arrows (DHL Cape Town Stadium).