Umqeqeshi weSekhukhune United, uLehlonolo Seema, uthi bazimisele ngokuyidlisela ogageni i-Orlando Pirates abazobhekana nayo emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo.
Lo mdlalo uzoba sePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngo-5.45 ntambama.
Yize iphumile kwiNedbank Cup ikhishwa ngaMaZulu FC kwi-Last 16 kodwa iSekhukhune ayigayelwa mphako emidlalweni yeligi njengoba isinqobe imidlalo emine ilandelana. Emdlalweni wayo wokugcina wePremiership ngaphambi kwekhefu leFifa inenebule iMoroka Swallows ngo 4-1.
“Phezu kokuba sesidlale imidlalo emine (yeligi) singehlulwa kodwa lokho akusho lutho futhi akusho ukuthi sekumele sizishaye isifuba ngoba sisafuna ukwenza kangcono kunalokho. Uma ubheka mncane kakhulu umehluko wamaphuzu phakathi kwamaqembu amaningi njengamanje kwi-log. Uma ulahla iphuzu noma amabili uyehla kwi-log. Ngakho esizimisele ngakho wukuthi silwele ukubuya namaphuzu emdlalweni nomdlalo esiwudlalayo ngoba sifuna ukuqeda endaweni engcono kakhulu kwi-log,” kusho uSeema.
“Yize bekade bengekho uMobbie (Nyiko) noMokwana (Elias) kodwa njengomqeqeshi ngijabule ngokunikwa kwabo ithuba lokudlala kwiBafana Bafana muva nje. Lokho kuhle kithina ngoba badlalile futhi bazobuya beqatha.
Silindele umdlalo onzima kakhulu kwiPirates kodwa sidlalela ekhaya futhi sizimisele ngokuyihlasela iPirates singayiniki thuba. Ngeke sihlale nje emuva sithi sizolinda yona isihlasele. Ngakho ayilindele umdlalo onzima kithina futhi siyabethemba abalandeli bethu ukuthi bazophuma ngobuningi ukuzoseseka.”
USeema ojoyine iSekhukhune ngoNovemba nyakenye esuka kwiPolokwane City, evala isikhala sikaBrandon Truter okhonjwe indlela ngemuva kokuphikwa yimiphumela.
Lo mqeqeshi kubukeka efike washintsha izinto kuleli qembu njengoba kumanje iBabina Noko isendaweni yesithupha kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-30. Yehlukaniswe ngamaphuzu amathathu nePirates esendaweni yesibili.
Ngakolunye uhlangothi, eZimnyama nazo zisefomini enhle muva nje okufakazelwa yindawo ezikuyona kwi-log nokuzibeka ethubeni elihle lokuzibekisela indawo kwiCaf Champions League uma zikwazile ukuqeda isizini zikule ndawo ezikuyona njengamanje kwi-log.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Kusasa ngo-3.30 ntambama:
Cape Town City v Kaizer Chiefs (Athlone Stadium); Stellenbosch FC v Royal AM (Danie Craven Stadium); Golden Arrows v Richards Bay FC (Mpumalanga Stadium); Polokwane City v Chippa United (Old Peter Mokaba Stadium)
Ngo-5.30 ntambama:
TS Galaxy v AmaZulu FC (Mbombela Stadium)
Sekhukhune United v Orlando Pirates (Peter Mokaba Stadium)
NgeSonto ngo-3.30 ntambama:
Cape Town Spurs v Moroka Swallows (Athlone Stadium)