UKUQALA kwemidlalo yokuhlunga yeCaf Champions League, nokuba kuma-semifinal eMTN8 kwenza i-Orlando Pirates ibe yiqembu elimatasa ukuwedlula wonke kwiDStv Premiership, njengamanje kanti kuyamkitaza nomqeqeshi.
IPirates idlule ngo4-0 kwiDjabal yaseComoros, emzuliswaneni wokuqala weyokuhlungela amaqoqo eCaf.
Isizobhekana neJwaneng Galaxy yaseBotswana, uma kuphela ikhefu leFifa.
Namhlanje iqembu likaJose Riveiro, litholana neStellenbosch FC emlenzeni wokuqala we-semifinal yeMTN8, ngo-3 ntambama e-Athlone Stadium, eKapa.
Eligini iPirates isadlale imidlalo emine. Omunye umqeqeshi angakhala ezimathonsi ngokucinana eduze kwemidlalo yabo kodwa uReveiro, ovikela izicoco ezimbili kule sizini, akaboni kanjalo.
“Sifuna ukudlala yonke imidlalo (nokusho yonke imiqhudelwano kuze kuyofika kweyamanqamu). Sifuna ukuyinqoba yonke imiqhudelwano, zonke izinkomishi. Nakulo mdlalo siya eKapa, ngenhloso yokuyonqoba,” kusho uRiveiro, kwabezindaba ngoLwesine emini.
Eligini, iPirates isithathe amaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emine, okusho ukulahla amaphuzu amahlanu. Ingxenye enkulu yamaphuzu ihambe neStellenbosch, ngesikhathi ibathela uswazi kungazelelwe.
Nalapho kodwa uReveiro, akayiboni into okufanele imfakele itwetwe.
“Usungafunga ukuthi sidlale nabo ezinyangeni okungenani eziyisithupha ezedlule kodwa-ke bekusemasontweni nje. Nokho ngenye yezinto ezizosikhwezela (ukuya kubo nesazela sokuthi basanda kubehlula),” kusho uRiveiro.
Phezu kwakho konke lokhu, uRiveiro ushaya phansi ngonyawo, kwelokuthi uzosebenzisa amaqhinga athile ukushintshashintsha abadlali ngenhloso yokuthi bamelana nayo yonke imidlalo.
“Angikholelwa kule yokuthi sesizohlela kusasele izinsuku ukuthi emdlalweni olandelayo sizoshovela abanye abadlali ebhentshini bese siqalisa abanye ngesinqumo nje, esisodwa, sokubaphumuza. Asisebenzi kanjalo futhi asizukuqala manje,” kusho uRiveiro.
IStellenbosch iyaqala ukuba kulesi gibaba seMTN8. Eqinisweni, iyaqala nje ngqa! ukudlala iMTN8.