UFISA ukube abafana bakhe amagoli bawaqhulula kwiligi njengoba benza kwiNedbank Cup, uJose Riveiro ongumqeqeshi we-Orlando Pirates osekumele inqobe imidlalo emibili kuphela ukuze izokwazi ukuvikela le nkomishi eyinqobe ngesizini edlule.
Ngempelasonto, eZimnyama zishaye AmaZulu ngo 4-2 kuma-quarterfinal eMoses Mabhida Stadium, ebigcwele inyinyitheka.
Usuthu olucijwa uPablo Martin, ilona oluqale lwabona imbobo yepali ngonyawo lukaPule Ekstein. Elinye lingqofwe ngekhanda uTaariq Fielies.
EZimnyama zinqobe ngamabili kaPatrick Maswanganyi elinye lawo okube yiphenathi, ubisi lwe-free kick kaKabelo Dlamini nelikaMakhehleni Makhaula owayedlala kulo uSuthu. Emidlalweni emithathu yeNedbank Cup, iPirates isishaye amagoli awu-14 yangenelwa amagoli amabili kuphela.
KwiLast 32 iqale yabhaxabula iCrystal Lake ngo-6-0, kwiLast 16 yashaya iHungry Lions ngo-4-0 njengoba seyiphinda ishaya amagoli ayisibalo esifanayo kuMaZulu.
Esithangamini sabezindaba ngemuva komdlalo ebuzwa uRiveiro ukuthi kuvimbani ukuthi nakwiligi benze okufanayo, akashonanga ezintangeni, uthe kunzima.
"Simatasa, sisebenzela ekutheni senze okufanayo nakwiligi. Kunezizathu eziningi eziholela ekutheni singadlali kwiligi njengoba senza kwiNedbank Cup noma kweminye imiqhudelwano. Kancane, kancane siyakhula siyiqembu. Sinalo ithuba nakwiligi lokudlala njengoba senza kwiNedbank. Kumele sikwenze lokhu ngoba yiqembu elilodwa elidlala kwiligi nasemiqhudelwaneni efana neMTN8. Kumele sisebenze ngokuzimisela uma sifuna imiphumela efanayo kuyo yonke imiqhudelwano," kubeka uRiveiro.
Uqhube wathi nakwiligi akukubi, wuDisemba wangonyaka odlule ongabanga muhle.
"Sibe nesonto elibi ngoDisemba. Sihlulwe yiSuperSport United ekubeni besihamba phambili. Kube ngesifanayo futhi sishaywa yiStellenbosch ngo 3-2. Izinto zibukeke zisibhedela kakhulu. Nakulo nyaka sesiphinde sadliwa iSekhukhune United. Ngaphandle kwale midlalo, abafana bami badlala kahle kakhulu.“
URiveiro akawuvalanga umlomo ngebhola elihle elidlalwe yiwo womabili amaqembu kowama-quarterfinal.
"Bekuwumdlalo omuhle kakhulu. Womabili amaqembu aqhamuke namaqhinga amahle okufuna ukudlulela kowandulela owamanqamu. Bekuwumdlalo obudle ngokuphakama kwemizwa nokuzikhandla.
“Siqale umdlalo ngokukhulu ukuzimisela siklinya izitha ngokwakha inqwaba yamathuba. Akuzange kusithuse ukushaya kwaMaZulu igoli kuqala. Yingakho sikwaze ukushaya elokulinganisa ngokushesha. Empeleni ngesikhathi izitha zihamba phambili yilapho engibone khona ukuthi sizonqoba. Bekukhonya thina sikwazi nokulawula umdlalo. Silimisile ishobolo lokuqeda isiwombe sokuqala singalishayanga igoli," kubeka uRiveiro obechichima injabulo.
NgoMgqibelo Usuthu luzothola ithuba lokubuyisa izinduku njengoba luzophinde lubhekane nePirates koweDStv Premiership, e-Orlando Stadium. Kwi-log AmaZulu asendaweni yase-12, ngamaphuzu awu-28, emidlalweni ewu-23. EZimnyama zikweyesithathu ngawu-37.