UPHIKA eyokuba nengcindezi yokuphinde banqobe inkomishi yeMTN8, uJose Riveiro ongumqeqeshi we-Orlando Pirates.
I-Pirates iqale umkhankaso wokuvikela le ndebe eyinqobe ngesizini edlule, ngokubhaxabula iSekhukhune United ngo 5-0 kowama-quarterfinal, ngoMgqibelo, e-Orlando Stadium.
Umgadli weZimnyama, uZakhele Lepasa, uvalele phakathi amagoli amathathu emdlalweni ageje kuwona nephenathi. Amanye amagoli ezikaRiveiro ebezivutha zingabaselwe, abekwe enethini nguNdabayithethwa Ndlondlo noMonnapule Saleng.
Ithuba elicacile leBabina Noko lokushaya igoli emdlalweni kube yiphenathi ebingenza umdlalo ube ngu 1-1 kodwa wayigeja umgadli wayo, uChibuike Ohizu.
Ngendlela iPirates esayinise abadlali abanethalente ngayo, kunabathi kumele iqoqe izinkomishi kule sizini okuhlanganisa nokuvikela inkomishi yeMTN8. Omunye walabo badlali abasha, obonakala engena egiyeni lezikaMagebhula, nguPatrick Maswanganyi noSaleng, ebebewuhlupho beqhamuka ezinhlangothi.
Ebuzwa uRiveiro ngalokhu uthe kabanayo ingcindezi futhi kabaphoqiwe ukunqoba le nkomishi, bazoqhubeka nokwenza umsebenzi wabo ngokuzimisela.
"Ngesingami senza umsebenzi wethu esiwuqashelwe. Angifuni nokulizwa igama lengcindezi. Sidlala kwiMTN8 ngoba senze umsebenzi omuhle ngesizini edlule siqeda kwiTop-8,“ kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.
“Akekho osiphoqa ukuthi sinqobe iMTN8. Abantu kumele bazi ukuthi lo mqhudelwano uhlala uhluka masizini wonke. Isibonelo nje, kwedlule iStellenbosch neMoroka Swallows bebengekho. Yebo sinalo ithuba lokuvikela iMTN8 kodwa akukho ngcindezi ephezu kwethu. Ngiyaziqhenya ngabadlali bami.”
Lo mqeqeshi waseSpain, ube esekhalima abalandeli babo ukuthi bangalindeli ukuthi bazohlale bewabhubhudla amaqembu njengoba benzile kwiSekhukhune.
I-Pirates ibiye kulo mdlalo ngemuva kokuthela phansi iRoyal AM ngo 4-2 koweDStv Premiership. Ngemuva kwalo mdlalo uRiveiro, ukhale ngokuthi iqembu lakhe lithambise umdlandla esiwombeni sesibili, izitha zakwazi ukubuya.
Kowokuvula weligi, iPirates yakhala ngaphansi ngo 1-0 kwiStellenbosch kodwa wancoma indlela enhle edlale ngayo.
"Abadlali bethu banethalente impela kodwa akuyona yonke imidlalo abazonqoba ngamagoli angaka. Kuhlale kunzima ukushaya amagoli amane noma amahlanu.
Kunemidlalo lapho olwela khona ukungangenelwa yigoli. Ngesizini edlule sinqobe iMTN8 ngenxa yokungangenelwa ngamagoli kweyandulela eyamanqamu nakowamanqamu. Ngijabule ukuthi emdlalweni wethu wesithathu kasingenelwanga yigoli. Le emibili edlule yeligi kayingithokozisanga,“ kuso uRiveiro.
URiveiro uthe ngesifanayo nakubagadli, abalandeli kuzomele bangabathwesi ingcindezi. Uthe kumele babheke nokunye okuhle abakwenzayo enkundleni.
"Ebholeni lesimanje izinto zishintshile. Umsebenzi kanozinti akusekona nje kuphela ukuvimba. Sekumele asize iqembu ukuthi lidlale ngendlela efanele. Kanjalo nakubagadli, umsebenzi wabo akusekona ukushaya amagoli nje kuphela.
Sebevulela abanye abadlali izikhala, bakhe namagoli nokunye okuningi. Ngiyazi ukuthi abalandeli bahlulela abagadli ngesibalo samagoli abawashayile. Kodwa ngibaluleka ngokuthi babheke nokunye abakwenzayo ekudlaleni kahle kweqembu."
Kusasa ngo-7.30, eZimnyama zizovakashela iChippa United, eNelson Mandela Bay Stadium koweligi.