UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ukhiphe ingonyuluka ngesinqumo sokukhipha unozinti, uSipho Chaine, ngesikhathi samaphenathi bekhishwa kwiCaf Champions League ngesonto eledlule.
EZimnyama ziphakamise indebe yeMTN8 emuva kokwehlula iMamelodi Sundowns ngo 3-1 kumaphenathi kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngempelasonto.
Iqhawe kube nguChaine ovimbe amaphenathi amathathu abadlali beSundowns kulandelana. Ubuqhawe bakhe buqubule imibuzo ngokushintshwa kwakhe, kufakwe Richard Ofori sekucaca ukuthi umdlalo uyakumaphenathi koweCaf, iPirates egcine ikhishiwe kuyona yiJwaneng Galaxy yaseBotswana kowokuhlungela isigaba samaqoqo. U-Ofori ugcine engavimbanga neyokubika iphenathi.
URiveiro ekhuluma nabezindaba ngemuva kowamanqamu weMTN8, uthe babezama ukuyishaya ngomqondo iJwaneng ngokushintsha unozinti ngesikhathi samaphenathi.
"Yindlela ehlukile yokwenza izinto. KoweJwaneng besidlalela ukungena esigabeni samaqoqo neqembu esingazi lutho ngalo kumaphenathi. Akukho lapho ebesithola khona ulwazi, sihlaziye. Siye sivaleke amehlo. Sizame into ehlukile. Ngesinye isikhathi lezi zinqumo ziyawuphazamisa umqondo eqenjini odlala nalo. Kuba sengathi uthi unozinti omfakayo uyena onzima kumaphenathi ngoba kukhona abakwaziyo ngathi kodwa thina besingazi lutho. Wukudlala umqondo nje. Akukho lapho ebesingabona khona ukuthi benza kanjani kumaphenathi, unozinti wabo wenza kanjani. Sasineqhinga kodwa alisebenzanga," kusho uRiveiro.
Kufanele wukuthi kukhona abalandeli bePirates abebengamethembi uChaine kumaphenathi emuva kokukhishwa sekufanele abhekane nawo koweChampions League.
Nokho emuva kokuvimba eyokuqala eshaywe nguBogani Zungu kuchwaze inkundla, kwalindelwa okukhulu kulo nozinti owaqala kwiDStv Diski Challenge edlalela iBloemfontein Celtic. Uvimbe nekaJunior Mendieta nekaTeboho Mokoena.
Ubuqhawe bukaChaine bufake indebe yesithathu kaRiveiro ekhabetheni leZimnyama.
"Namuhla bekuhluke kakhulu. Bekufana kuwona womabili amaqembu. Siyamazi unozinti wabo (uRonwen Williams), siyabazi abashaya amaphenathi njengoba nathi besazi. Ngakho siyakwazi ukulawula izinto ngendlela ezenzeka ngayo. Umqeqeshi wethu wonozinti, ithimba labahlaziyi yilokho abakwenzayo.
“Ufika laphaya usunolwazi olunzulu namathuba amaningi okuphumelela. Namuhla (ngoMgqibelo) kusebenzile. Ngakithi sasihlala sithi kumaphenathi kwenzeka noma yini. Kodwa akusenjalo manje ngenxa yalokhu engikusho phambilini. KwiChampions League 'besigembula' ngoba besingazi lutho ngabashaya amaphenathi. Ngakho sizame iqhinga elihlukile kodwa ngebhadi alisebenzanga," kusho uRiveiro.