UGXEKE abadlali ngokuzithela ngabandayo uJose Riveiro ngemuva kokuba yiqembu lokuqala omakoti beDStv Premiership, iCape Town Spurs, abaqoqe kulona amaphuzu amathathu.
IPirates ihlulwe ngo 2-1 kulo mdlalo obuseCape Town Stadium ngoLwesithathu ebusuku. ISpurs inqoba nje bese iphenduke lapho amanye amaqembu etapa khona amaphuzu njengoba ibisihlulwe kuyona yonke imidlalo eyisishiyagalombili eyandulela owePirates.
IPirates iphaphame isilandela emuva ngo 2-0 wamagoli kaLubeni Haukongo noJarrod Moroole esiwombeni sokuqala.
Nakuba iPirates izamile ukunciphisa igebe ngegoli lika-Evidence Makgopa kodwa uRiveiro usale enengekile ngendlela abawuqale ngayo umdlalo.
Ucasuka kufanele lo mqeqeshi waseSpain kwazise leli qembu, ebelithishwe njengelizodlisela iMamelodi Sundowns ogageni kule sizini, lisaphumelele ukuthola amaphuzu amabili kuphela kwangu-12 emidlalweni yeligi emine.
Kule midlalo yomine iBucs ayiyazi iwini okuyingozi ngokukaRiveiro ikakhulukazi emidlalweni yasekuhambeni kwazise bese kungokwesibili iPirates ikhala ngaphansi eKapa kusukela kuqale isizini ka-2023/2024.
“Akuzange kusisize ukuzithola sesilandela emuva ngo 2-0 umdlalo usanda kuqala futhi angikholwa ukuthi siphinde saphaphama kulokhu yingakho silahle amaphuzu kungafanele,” kusho uRiveiro kwiSuperSport ngemuva komdlalo.
“Ngeke uqale ngale ndlela esenze ngayo bese uzitshela ukuthi uzowina umdlalo weligi enkulu yaseNingizimu Afrika ikakhulukazi owasekuhambeni ubhekene neqembu elilambele amaphuzu.
“Esiwombeni sesibili bese sizama konke ebesingakuzama okungeyona indlela yethu yokudlala. Nakuba ngikholelwa ekutheni senze ngokwanele ukuthi sithole okungenani iphuzu emdlalweni kodwa ubishi esizithola sikulona sizifake thina.
“Angizange ngiyithande indlela esiwuqale ngayo umdlalo kangangokuthi bengingeke ngiwujabulele lo mphumela ngisho ngabe sinqobile ngoba ngicikwa indlela (esiwuqale ngayo),” kuqhuba yena.
Umdlalo wePirates olandelayo owe-quarter final yeCarling Black Label Knockout neRichards Bay FC kusasa ngo-3 ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
“Akukho esisengakuguqula ngokulahla kwethu amaphuzu kwiCape Town Spurs kodwa sinethuba lokuwalungisa wonke amaphutha esiwenzile emdlalweni wethu olandelayo,” kuphetha lo mqeqeshi.