INHLOKO yabaqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ihlabeke umxhwele ngokuziphatha nangokuzinikela komgadli weBafana Bafana oweqiwa ijezi, uZakhele Lepasa.
URiveiro ukusho lokhu izolo esithangamini nabezindaba lapho ebezokwenaba ngezinhlelo zokubhekana naMaZulu FC kwi-quarter final yeNedbank Cup engoMgqibelo ngo-6 ntambama, eMoses Mabhida Stadium.
Kusukela kuqale isizini, uLepasa obeyingxenye yeBafana kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), unenkinga yejezi kwazise uRiveiro uqale wakhombisa ukukholelwa ku-Evidence Makgopa kwaze kwaba uyalimala ngoFebhuwari.
Kuthe kungathinteka lo mgadli obehambe noLepasa e-Ivory Coast, uRiveiro waliphonsa kuTshegofatso Mabasa ijezi kulandela ukubuya kwakhe ngoJanuwari ekubolekisweni kwakhe kwiMoroka Swallows.
Inkinga kaLepasa kube sengathi iyaqonga kwazise uMabasa ufike kwacaca ukuthi uRiveiro naye umuzwa ngaphakathi okufakazelwa ukuthi lo mqeqeshi waseSpain akaliyeki ithuba lokutshela abezindaba ukuthi uMabasa wenza iPirates idlale kangcono.
“Indlela uLepasa azinikele ngayo ingihlaba umxhwele uma uzokhumbula ukuthi uwumdlali weqembu lesizwe kodwa weqiwa ijezi kwiPirates,” kusho uRiveiro.
“Ngasekuqaleni kwesizini ubevutha uLepasa futhi izinombolo zakhe zizinhle. Zijikile nokho izinto sesiphoqeleka ukushinstha indlela yokudlala obese kusiphoqa ukuthi siqale ngomgadli oyedwa.
“Okungichaza ngaye ukuthi akadikibele futhi uzimisele ngokusebenza ukuze abe ngcono kule ndlela esifuna ukudlala ngayo. Ithuba lakhe lizofika noma kanjani,” kuthembisa umqeqeshi.
Indaba yokushoda ngezitobha uyichaze njengengamqwashisi ebusuku.
EzikaRiveiro zizovakashela Usuthu ngaphandle kwezithenjwa, uThapelo Xoki noNkosinathi Sibisi, ngenxa yezigwebo zamakhadi.
Umdlali wakudala woSuthu, uXoki omqoka nasemaphenathini kwiPirates, uthole ikhadi eliphuzi lesine bebhekene neLamontville Golden Arrows ngempelasonto edlule. USibisi usesigwebeni sekhadi elibomvu alithole becazelana ngamaphuzu neMoroka Swallows ngeledlule.
Ukuzethemba kwePirates evikela isicoco seNedbank kuphinde kwakhuphuka kulandela ukuzigwazela kwayo ibhece komakhelwane boSuthu, i-Arrows ngo 7-1.
Okuqapheleka kwaboSuthu uma bekhuluma ngezinhlelo zalo mdlalo ukuthi isekhona inhlansi yegqubu ngendlela iPirates eyabashaya ngayo ekhaya kowamnqamu weMTN 8 ngo-2022.
Imidlalo yama-quarterfinal eNedbank Cup:
Kusasa - Ngo-7pm: University of Pretoria v Mamelodi Sundowns (Lucas Moripe)
NgoMgqibelo - Ngo-3pm: Stellenbosch v SuperSport United (Danie Craven).
Ngo-6pm: AmaZulu v Orlando Pirates (Moses Mabhida Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: TS Galaxy v Chippa United (Mbombela Stadium).