UFISA iqembu lakhe liphinde libuye namaphuzu aphelele ekuhambeni koweCaf Champions League ukuze likhuphule amathuba okudlulela kweyomkhumulajezi umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro.
EZimnyama zizodlala owesithathu kuGroup C neqembu lase-Ivory Coast, iStade d’Abidjan, eStade Félix Houphouët-Boigny, edolobheni i-Abidjan, kusasa ngo-6 ntambama.
Iqembu likaRiveiro liwuqale kahle lo mqhudelwano lithela phansi iCR Belouizdad yase-Algeria ngo 2-1 ngoNovemba 26.
Licoshe iphuzu kowesibili obuse-Orlando Stadium ngempelasonto edlule libambana ngo 0-0 ne-Al Ahly yase-Egypt.
Iqembu lase-Abidjan lisasemsileni ngeqanda njengoba lisakhale ngaphansi kuyona yomibili imidlalo kuleli qoqo. Liqale laxetshulwa yi-Al Ahly ngo 4-2 ekuhambeni, lashaywa yiBelouizdad ngo 1-0 ekhaya.
URiveiro uthe ngeke bagxile kule miphumela kodwa inhloso wukuthi baqhubeke nokuzimisela ukuze baphinde babe nohambo oluyimpumelelo.
“Lona wumdlalo wangaphandle. Abazange bavule ngemiphumela emihle kodwa sibonile ukuthi bawuhlobo lweqembu olunjani. Esikuqaphelile wukuthi banezindlela eziningi ezahlukene zokudlala,” kusho uRiveiro.
“Ukudlala ekuhambeni kuhlale kunzima kodwa nginethemba. Lo mdlalo ngiwubuka njengethuba lokuthi siphinde sizame ukulwela amaphuzu amathathu. Cabanga nje uma singakwenza lokho, bese sizithola sesihlanganise amaphuzu amangaka ngemuva komdlalo wesithathu esigabeni samaqoqo.
“Kungaba kuhle impela kodwa siyazi ukuthi kufanele sikusebenzele kanzima lokho njengoba senzile kwi-Algiers nangesikhathi sibhekene ne-Al Ahly. Kusekuningi okusazodlalelwa kuleli qoqo.”
Le nkundla okuzodlalelwa kuyona ngoMgqibelo, iyona iPirates eyadlela kuyona isicoco seCaf Champions League ngoDisemba 1995, inqoba elinye iqembu lase-Ivory Coast, i-ASEC Mimosas, ngo 1-0 ngegoli likaJerry Skhosana emlenzeni wesibili.
Umlenze wokuqala, owadlalelwa eFNB Stadium, waphela lawa maqembu ebambene ngo 2-2.