NAKUBA umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, engafunanga ukwenaba ngenkinga yokushaywa kwamagoli eqenjini lakhe ngemuva kokuwashiswa ijezi ekuseni kwiCaf Champions League kodwa izimpendulo kumele zisheshe zivele uma ezimisele ngokwehlisa ulaka kubalandeli beZimnyama.
Leli qembu linomunye umdlalo omqoka ngoMgqibelo lapho lizotholana neqembu elivuthayo, iMamelodi Sundowns, kowamanqamu eMTN8.
Umdlalo ungo-6 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Okungangatshazwa wukuthi baningi abawubheke ngabomvu lo mdlalo nokufakazelwe wukuthi amathikithi awo adayiswe aphele emahoreni awu-18.
Ngempelasonto edlule, iPirates ikhishwe kwiChampions League, iJwaneng Galaxy ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi. Umdlalo ubuphele ngo 1-0 wegoli lika-Evidence Makgopa weZimnyama. Nokho belinganele njengoba nezihambi zazithole umphumela ofanayo ekhaya.
Okuqaphelekile ngokuphuma kwePirates wukuthi isashaye igoli elilodwa emidlalweni emine.
Ngaphambi kwaleli goli likaMakgopa, ibihlulwe iJwanengo ngo 1-0, yahlulwa iStellenbosch ngo 1-0 kowomlenze wesibili kweyandulela owamanqamu weMTN8, yashaywa iSundowns ngo 1-0 kwiDStv Premiership.
Okunye wukuthi kubukeka engathi uma uZakhele Lepasa engalishayi igoli, kuba yindlala ukuthi ezikaRiveiro zilitholile.
Kweyisithupha edlule enqotshwe ngezakhe kuyo yonke imiqhudelwano, kawukho angalishayanga kuyo uLepasa.
Kwisithangami sabezindaba ngemuva komdlalo weJwaneng, uRiveiro ubagxeke kakhulu abadlali bakhe ngokuhluleka ukubhakuzisa inethi.
Umbuzo omkhulu ngothi ngabe le nkinga bazokwazi na ukuyilungisa uma sebebhekene neSundowns eshaya kwasani oluphambi kwayo.
Lo mqeqeshi akaphumanga nempendulo ecacile ngesikhathi ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani ngendlela adlale ngayo eLepasa nangokukhishwa kwakhe zisuka emqhudelwaneni wokuqala weCaf.
"Akukho okutheni engingakuchaza ngalo mdlalo, kube umdlalo olukhuni. Ibhola umdlalo wamagoli, uma unganakile ugcina ulala ungandlalelwe. Emidlalweni edlule sishaye isibalo esincane kakhulu samagoli. Lokho akwamukelekile eqenjini elifana ne-Orlando Pirates. Ngokuphuma kwiChampions League ngeke ngizivikele ngokuthi sibe nebhadi, asizimiselanga ngokwanele,“ kusho uRiveiro.
Ebuzwa uRiveiro ngoLepasa, uthe: "Empeleni kangiyena umuntu othanda ukukhuluma ngomdlali ngayedwana. Kumele sizisole thina, amathuba siwakhile kodwa sahluleka ukuwasebenzisa. Kumele sizinuke thina ngalokhu kuhluleka.“
Kowangempelasonto edlule iphenathi yokugcina edlise iPirates, igejwe uRelebohile Mofokeng ongumdlali osemncane.
URiveiro umvikelile lo mdlali, wazeseka ngokuthi okwenzeke kuye yinto ejwayelekile emdlalweni kanobhutshuzwayo.