UBUSWA wukufuna abadlali bakhe baziqophele umlando omusha, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ezakhe ezibuye nephuzu zibambana ne-Al Ahly yase-Egypt emdlalweni wamaqoqo kwiCaf Champions League.
NgoMgqibelo ebusuku la maqembu abambane ngo 2-2 e-Al Salam Stadium, eCairo. EzikaMokwena zisaqhwakele kuGroup B ngamaphuzu ayisikhombisa ngemuva kwemidlalo emithathu.
Selokhu amaSandawana aphakamisa le ndebe ngo-2016 awaphindanga afinyelela kowamanqamu.
Emiqhudelwaneni eyisithupha elandelile akhishwa kowandulela owamanqamu kanye, awashiswa ijezi kane kuma-quarter-final, ahluleka ukudlula esigabeni samaqoqo kanye.
I-Al Hilal yaseSudan ilele isibili ngamaphuzu amathathu kwemithathu, i-Al Ahly isendaweni yesithathu ngephuzu elilodwa kwemibili kanti iCoton Sport yaseCameroon isasemsileni ngeqanda ngemuva kokudlala kabili.
“URonwen Williams (unozinti) udlala okokuqala kwiChampions League kanti kungashiwo okufanayo ngabadlali abafana no(Khuliso) Mudau, Mothobi Mvala, Neo Maema, Cassius Mailula, Teboho Mokoena no-Aubrey Modiba,” kusho uMokwena.
“Abanye babo badlalile kancane ngesizini edlule kodwa bebengayiqali imidlalo futhi bengadlali kuleli zinga abakulona manje.
“Ngeke kube wubulungiswa ukubahlulela ngokwenzeka esikhathini esedlule. Kufanele banikezwe ithuba lokusebenza, lokudlala, lokuthola isipiliyoni kanye nokuncintisana.
“Indlela abangakwenza ngayo lokho wukuthi babe senkundleni, badlale le midlalo enje, bezwe le ngcindezi futhi badlale ngaphansi kwezimo ezinje.
“Kufanele sibanikeze ithuba futhi ngiyazi ukuthi sizothuthuka umdlalo nomdlalo, sizame ukuba ngcono. Bengizosho okufanayo noma ngabe sinqobile noma sihluliwe kulo mdlalo.”
AmaBrazilian ayidla ngo 1-0 i-Al Ahly ekhaya nasekuhambeni kweyamaqoqo ngesizini edlule. Aphinde ashaya igoli kuqala ngoMgqibelo elivalelwe nguPeter Shalulile esiwombeni sokuqala.
UMohamed Abdelmonem ushayele iRed Devils elokulinganisa ngesiwombe sesibili, yabe isihamba phambili ngelikaHussein El Shahat ngomzuzu ka-74.
ISundowns ithole iphuzu ngesikhathi uMorena eyishayela elokulinganisa ngomzuzu ka-80.
“Kufanele ngibancome abadlali bami ngoba bekuwumdlalo onzima sibhekene neqembu elihle kakhulu elisiphoqe ukuthi silisebenzele kanzima iphuzu. Besifuna ukuwathatha womathathu kodwa bekungelula ngoba besibhekene ne-Al Ahly.
“Kumele ngikhulume ngoThapelo Morena ngoba bekungelula ukumbeka ebhentshini njengoba ebedlala kahle. Ungene washaya igoli elibaluleke kakhulu.
“Kuseyisigaba samaqoqo, ngishilo kwasekuqaleni ukuthi leli qoqo linamaqembu amane asezingeni eliphezulu futhi kufanele sigxile emdlalweni owodwa ngesikhathi.
“Sesizobheka ukwamukela i-Al Ahly ePitoli nokwenza isiqiniseko sokuthi siyawalwela futhi amaphuzu.”
ISundowns izobhekana neMarumo Gallants kowe-Last 16 yeNedbank Cup ngoLwesine bese idudulana neStellenbosch koweDStv Premiership ngeSonto ngaphambi kokuphinde ibhekane ne-Al Ahly kuleli ngoMashi 11.