UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ugculisekile ngegoli elibanike amaphuzu agcwele kowe-Al Hilal yaseSudan, abayehlule ngo-1-0 beqala eyeqoqo B kwiCaf Champions League eLoftus Versfeld, ngoMgqibelo.
Igoli lishwaywe nguCassius Mailula.
“Bekuwumdlalo phakathi kwamaqembu amabili adlala kahle. I-Al Hilal inabadlali abanamava nomqeqeshi obukhali kodwa besiwuphethe mdlalo ngaphandle kwenselelo yenkundla," kukhala uMokwena ngobumanzi obebudlulele beLoftus.
“Inhloso yokuqala bekuwukuthola amaphuzu amathathu. Sibheke ukuzisondeza emaphuzwini angu-10 ngokushesha. Umlando usitshela ukuthi iqembu eladlula namaphuzu amancane kunawo wonke lalinamane.
“Yingakho bekusemqoka ukuthola amaphuzu amathathu kunesibalo samagoli."
Igoli lesibili likaMailula liphikwe ngunondweba emsola emhlabeni ongamfanele ngesiwombe sesibili nokwenza uMokwena wajaha iVAR.
"Besingashaya amagoli amaningi. Sishaye igoli elihle kakhulu kodwa laphikwa. Sidlale kahle futhi besinethezekile, yize zibe khona izimo ezimbalwa ezisithusile," uqhube kanje.
“Ngicabanga ukuthi izinga lomdlalo liya ngokuya lithuthuka ezwenikazi i-Afrika futhi lokho kuzodlulela ekusebenziseni iVAR
"Siyazi ukuthi i-VAR izoqala ukusetshenziswa kulo mqhudelwano kusukela kuma-quarter-final. Ngaphandle kokubheka lelo goli elingabalwanga, bekusifanele ukuthatha amaphuzu amathathu."
AmaSandawana azobhekana neCoton Sport eGaroua, eCameroon, ngoLwesihlanu ngaphambi kokuvakashela i-Al Ahly eCairo, ngoMgqibelo ozayo.