UBONGA isandla sikaNkulunkulu ngezinqumo zakamuva ezivuna iqembu lakhe umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena.
AmaSandawana adlulele kowandulela owamanqamu kwiCaf Champions League ngoLwesihlanu eshaya iYoung Africans yaseTanzania kumaphenathi kulandela imilenze emibili ephele zibambene ngo 0-0.
Nokho, emlenzeni wesibili kubukeke sengathi ibhola elashaywa umdlali weYanga, uStephane Aziz Ki, laweqa umugqa lase libuyea enkundleni, kodwa igoli langabalwa.
NgoLwesibili ebusuku emdlalweni weDStv Premiership, amaBrazilians athole iphenathi anqobe ngayo iCape Town Spurs ngo 1-0, yize kubonakale sengathi uPeter Shalulile ubengaphandle kwebhokisi ngesikhathi ewiswa ngu-Asanele Velebayi.
Lezi zinqumo ziholele ekutheni kube nomsindo ezinkundleni zokuxhumana mayelana nalezi zinqumo ezitakule leli qembu kule midlalo. Umqeqeshi weYanga, uMiguel Gammondi, akazange akufihle ukuthi barojiwe.
“Kuningi okushiwo ngeSundowns kodwa bengisathathe ikhefu ezinkundleni zokuxhumana, yinto engike ngayenza phambilini. Angazi-ke ukuthi kuthiwani, ngobani futhi kanjani, into engiyenzayo ukubuka imidlalo,” uphawule kanje uMokwena kwabezindaba izolo ngesikhathi ezoxoxa ngamalungiselelo omdlalo wabo ozayo wama-quarterfinal eNedbank Cup.
“Ngokubona kwami bekuyizinqumo ezifanele kodwa lo umbono wami, angiyena unompempe. Izinto ezenzekayo ebholeni lezi. Sahlulwa kowamanqamu eMTN8 ngenxa yezinqumo ezithize engazibona zingalungile kodwa yibhola lelo. Lezi zinto zigcina sezilingana ekugcineni. Ngelinye ilanga zivuna wena, ngelinye kungabi njalo. Kunjalo nje kwezemidlalo nasebholeni. Izinsuku azifani.
“Ngasekuqaleni kwesizini enye intatheli yangibuza ukuthi yini edingekayo ukuze unqobe iChampions League, ngathi sidinga inhlanhla enkulu. Kukhona abahleka ngesikhathi ngisho lokho.
“Uma ngibona okwenzeke sibhekene neYanga ngithi sibe nenhlanhla enkulu uma kuqhathaniswa nowandulela owamanqamu wangonyaka odlule. Lapho saba neshwa ngendlela esangenelwa ngayo yigoli lesibili.
“Kugcina sekulingana ngoba uNkulunkulu usithanda sonke. Kwesinye isikhathi uma uzwa sengathi akakunakile uba nendlela yokubonisa isandla sakhe, athi ‘ngisenguNkulunkulu futhi ngisenomusa kubantu bami’.
"Yiqiniso leli engilikhulumayo futhi yindlela engizizwa ngayo njengamanje. Ngibona sengathi umusa kaNkulunkulu ubheke ngakithina futhi ngifisa uqhubeke ngoba kukhona izikhathi lapho kungahambi khona kanjalo. Sengichazile ngokwenzeke kwiChampions League ngesizini edlule lapho ngikholwa khona ukuthi uMothobi (Mvala) waphushwa ngaphambi kokuthi (iWydad) ithole igoli lokulinganisa.
"Kule sizini inhlanhla isasibhekile. Angifuni nokukhuluma ngonompempe ngoba mina njengomntwana kaNkulunkulu lonke udumo ngilunika yena. Uyavela lapho umdinga kakhulu athi ‘nginawe, noma ngingakulahla kwezinye izikhathi kodwa nginawe.”
UMokwena neqembu lakhe sebelungiselela umdlalo wama-quarter-final eNedbank Cup lapho bezodudulana khona ne-University of Pretoria kowomkhaya ozoba seLucas Moripe Stadium kusasa ngo-7 ebusuku.
AmaSandawana afinyelele kule sigaba ngokubhaxabula iNB La Masia ngo 6-1 kwiLast 32, adlula ngo 2-0 kwiMaritzburg United kwiLast 16.