I-KAIZER Chiefs isinqobe imidlalo emibili kulandelana kwiDStv Premiership kodwa kubukeka kuzomele abadlali bayo bawalalele amagama omqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana, uHugo Broos.
UBroos, uthe abadlali beChiefs basale ngaphandle esikwatini esizodlala eyobungani ngoba abakafiki ezingeni.
Amakhosi awadingi ukunyusa amasokisi kuphela ukuze adonse iso likaBroos, ohlanganisa isikwati esizodlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngonyaka ozayo kodwa adinga ukuqinisa amatomu ngoba ngempelasonto azobhekana neqembu eliyingozi iMamelodi Sundowns.
Amaqembu azolwela ukuzibekisela indawo kowamanqamu eMTN8, uma esebhekene emlenzeni wokuqala kowandulela owamanqamu kusasa ngo-3 ntambama eFNB Stadium.
UBroos echaza ngokusala ngaphandle kwabadlali beChiefs esikwatini esizodlala eyobungani kule nyanga, ubale nokuthi ubona iqembu lingaka lenyusi izinga uma kuqhathaniswa nelangesizini edlule.
Emdlalweni wayo neStellenbosch koweligi ewunqobe ngo 2-0 ngoLwesithathu, iqembu likaMolefi Ntseki, alizange likhombise ukudlala ibhola elisezingeni eliphezulu.
IChiefs iya kwiSundowns eseke yabhekana nayo kwiligi, yahlulwa ngo 2-1. AmaBrazilians ayashosholoza njengoba engayazi induku kuze kube yimanje selokhu kuqale isizini.
Bathini abaqeqeshi:
Molefi Ntseki: "Emdlalweni wendebe awuhleleli ikusasa ngoba kufanele wenze isisekelo esihle. Ukwakha kahle isisekelo wukuhlelela umlenze wokuqala. Owomlenze wesibili uyozihlelekela wona. Kungani? Yingoba kunemidlalo okufanele siyidlale phakathi kowomlenze wokuqala nowesibili. Indlela esihlela ngayo eyokuthi yonke imidlalo esiyidlalayo ngeyamanqamu.
“Ngakho awukho umehluko kithina njengoba siya kulo mdlalo ngoba sijabule ngenqubekela phambili esiyibonayo eqenjini ngokudlala nangokushaya amagoli. Ngakho izofana indlela esizowuthatha ngayo umdlalo. ISundowns, sonke siyazi ukuthi sidlale kanjani nayo emdlalweni wakamuva. Okubalulekile wukuthi wumdlalo wendebe. Kowendebe awuzikhetheli iqembu ozolilungisela. Ulungela noma yiliphi iqembu ukuze uzodlulela emzuliswaneni olandelayo. Ngakho sibheka umdlalo ngamunye. Lowo mdlalo ngowomlenze wokuqala neSundowns.”
Rhulani Mokwena: “Ngikhulele eSoweto ngakho-ke bengiyibukela eminye imidlalo yamaqembu athathwa njengamakhulu, okuhlanganisa neChiefs futhi bengibezwa nabadala bekhuluma ngokuba nenhlanhla kweqembu. Angikusho lokhu ngoba ngidelela iChiefs. Iqiniso ukuthi siya emdlalweni neqembu omunye umuntu ongazitshela ukuthi uMdali ungumlandeli walo.”
Abadlali abangase babe yingozi:
Lucas Ribeiro Costa: Emidlalweni emihlanu yeDStv Premiership, nowodwa weMTN8, lo mdlali waseBrazil oneminyaka engu-24, asebe ingxenye yayo kusukela efikile ekuqaleni kwesizini esuka kwiBeveren yaseBelgium, useshayele iSundowns amagoli amane, wakhela ozakwabo amabili ngokwahlukana kwale miqhudelwano.
Pule Mmmodi: Useshayele iKaizer Chiefs amagoli amathathu emidlalweni emibili yeligi yakamuva, ukhombisa ukuba yisibani esilokozayo endleleni ebheke enjabulweni yabalandeli baleli qembu.