BAZOFAKWA kancane kancane eqenjini abadlali beMamelodi Sundowns abebeyibambe kwelesizwe kwi-Africa Cup of Nations, ngokusho komqeqeshi waleli qembu lasePitoli uRhulani Mokwena.
AmaBrazilian abemelwe abadlali abangu-10 eqenjini likaHugo Broos kanti iningi labo liyidlale cishe yonke imidlalo ngesikhathi liqeda endaweni yesithathu kulo mqhudelwano obuse-Ivory Coast.
UThapelo Maseko akayidlalanga imidlalo emibili yokugcina ngenxa yokudonseka umsipha osethangeni bebhekene neCape Verde kuma-quarterfinal. Phezu kwalokho, kunabanye abathinteke ngezindlela ezehlukene.
AmaSandawana azoqhubeka nemidlalo yeDStv Premiership ngokubhekana ne-Orlando Pirates eLoftus Versfeld Stadium ngo-8 kusihlwa.
“Sinokukhathazeka ngabadlali beBafana. Sinabadlali abambalwa ababuye belimele, nokungase kubambezele ukubuya kwabo eqenjini lethu. Badlale imidlalo engu-30 ezinyangeni ezinhlanu kwiSundowns, badlala emine noma emihlanu kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba neyobungani edlalwe yiBafana nyakenye,” kusho uMokwena.
“Uma wengeza imidlalo eyisikhombisa ye-Afcon isibalo siyenyuka sibe yimidlalo ecela ku-42. Kunzima lokho futhi kuza nokulimala okuthile. Uma imoto isihambe amakhilomitha amaningi kudingeka ushintshe okuthile njengama-fuse, ibhethri, amathayi, uwoyela nokunye.
“Sikhathazekile ngoMothobi (Mvala), Maseko, Mshishi (Themba Zwane), Teboho (Mokoena) noMudau (Khuliso). Bonke abadlali kufanele baqale isigaba sokululama, badlulise nengcindezi yokudlala emqhudelwaneni omkhulu kangaka. Sikhathazekile futhi ngoRonza (Ronwen Williams) othinteke ehlombe.”
Yize kunjalo, uMokwena unethemba lokuthi abadlali ababasayinise ngewindi likaJanuwari sebeyajwayela futhi bazoletha umfutho odingekayo.
“Abadlali abasha bayangena kahle. UTashreeq (Matthews) ufike nezinkinga ezincane kodwa uziqeqesha kahle futhi uya ngokuya ethuthuka. U-Esquivel (Matias) naye uyajwayela kodwa kunzinyana ngenxa yolimi nendlela ehlukile yokudlala. Abantu bangalindela izinto ezinhle kuye uma esejwayele ngokuphelele.
“UZuko (Mdunyelwa) ungimangazile ngendlela anamandla ngayo nangendlela afunda ngayo ngokushesha. Ngicabanga ukuthi sizobabona abadlali abasha bethola ithuba lokudlala maduze, kanjalo nabadlali beBafana ababuye ngaphandle kwezinkinga.”
Mayelana nomdlalo wanamuhla namaBhakabhaka, angakaze anqobe umdlalo weligi eLoftus kusukela ngo-2018, uMokwena uthe ulindele ukuthi ube nzima ikakhulukazi njengoba sekunesikhathi eside womabili amaqembu engadlali.
“Siyazi ukuthi umdlalo uzoba nzima kangakanani kodwa sineqembu elihle futhi sinabadlali abasezingeni eliphezulu kuzo zonke izindawo. Sibona sengathi siqine ngokwanele ukuthi sikwazi ukuya emdlalweni nesikwati esinaso,” usho kanje.
“Ikhempu esibe nayo ngemuva kwekhefu ibiyinhle, sakwazi ukulungisa izinto esifuna ukuzenza kangcono emzuliswaneni wesibili kodwa siyazi ukuthi kuzoba nzima kangakanani ukubhekana neqembu eliyingozi.”