MTHOKOZISI MNCUSENI
UZWAKALISE ukusiqonda isizathu sokuhlaselwa kwakhe ngabanye abalandeli beKaizer Chiefs, umqeqeshi wayo, uMolefi Ntseki, ophume esegadwe amaphoyisa ePeter Mokaba Stadium ngoLwesithathu.
Ingxenye yabalandeli baBafana Bokuthula noXolo, iphelelwe isineke, yavukwa ulaka yafuna ukuhlasela uNtseki, ijikijela izigubhu enkundleni ngemuva kokuthi iqembu labo lihlulwe iSuperSport United ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership, ngoLwesithathu ebusuku. Uphume enkundleni esegadwe amaphoyisa.
Lesi bese kuyisigameko sesibili uNtseki ehlaselwa. Bamqala kade bevakashele iTS Galaxy eMbombela, eyabahlula kwiligi, bamthelekela. Kuyimanje iqembu linesigwebo esilengisiwe esivela ekomitini lePremier Soccer League (PSL) eliqondisa ubugwegwe. Kwathiwa alikhokhe u-R70 000 ku-R100 000. Kwathiwa izovuka ingxenye esele uma litholakala necala elifanayo ezinyangeni eziwu-24.
Okuqaphelekile nokho ngalo mdlalo we-United, wukuthi yize iChiefs ihluliwe kodwa iyona ebingcono.
“Ngiyakuqonda okwenza abalandeli bazizwe ngale ndlela abazizwa ngayo ngoba babuka iqembu labo lihluleka ukunqoba imidlalo efana nale,” kusho uNtseki kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Ukungayinqobi imidlalo ngale ndlela njengoba kwenzekile nakodlule sidlala neRoyal AM, akubaphathi kahle abalandeli.
“Ngiyakwamukela ukuthi okwamanje abaneme kodwa ngiyakholelwa ekutheni iqembu lethu liseqophelweni elifanele.
“Ngaphandle kokungenelwa igoli umdlalo usuka phansi okusiphazamisile, abadlali bakwenza konke abanamandla okukwenza.
“Konke ebesihlele ukukwenza kwiSuperSport sikwenze ngempumelelo kodwa inkinga kube ukufaka ibhola enethini kuphela.
“Inkinga esibhekene nayo le okwamanje kodwa angingabazi ukuthi kuzoya ngokuya iqembu lisondele kulokhu okufunwa abalandeli,” kwethembisa uNtseki.
Khona ePolokwane, ubuziwe lo mqeqeshi ngokubhekana neMamelodi Sundowns kowomlenze wesibili kweyandulela owamanqamu weMTN8 kusasa. Umdlalo use......
IChiefs izovakashela iSundowns zibambene ngo 1-1. ISundowns izongena enkundleni ivunwa wukuthola igoli lasekuhambeni, nokuphoqa iChiefs ukuthi iwashaye nakanjani amagoli uma izimisele ngokungena kowamanqamu.
“Bekuzobangcono ukuba sinqobile kwiSuperSport ngoba besizoya kwiSundowns ngomfutho ongcono kodwa akukho esingakushintsha manje.
“Simelwe ukuya kulo mdlalo ngenhloso yokulungisa amaphutha esiwenze kowomlenze wokuqala,” kuphetha uNtseki.