OCIJA iKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki ukholwa wukuthi ikhefu lemidlalo yamazwe ngamazwe lifike ngesikhathi esifanele njengoba kukhona lapho efuna ukulungisa khona ngaphambi kokuqhubeka nemidlalo yabo.
Ngempelasonto Amakhosi abambane ngo 1-1 neMamelodi Sundowns emlenzeni wokuqala wowandulela owamanqamu eMTN8 eFNB Stadium.
U-Edson Castillo ubeke iqembu lasePhefeni phambili ekuqaleni kwesiwombe sesibili kodwa uKhuliso Mudau watholela amaSandawana igoli lokulinganisa ngesikhathi esengezwe ngunompempe.
Lokhu kusho ukuthi ezikaNtseki kumele nakanjani zilishaye igoli uma la maqembu esehlangene emlenzeni wesibili eLucas Masterpieces Moripe Stadium ngoSepthemba 23, ukuze zibe sethubeni lokudlulela kowamanqamu.
"Ngiphoxekile ngoba kulo mdlalo asikwenzanga ebesikufuna nebesikuhlelile. Besingenza kangcono esiwombeni sokuqala kodwa kube ngconywana kwesesibili," kusho uNtseki.
Esiwombeni sokuqala somdlalo, bekugqame ukuhlala emuva kweChiefs, iSundowns ingakwazi ukusebenzisa amathuba ebiwakha okushaya amagoli.
Bekuthi noma ezikaNtseki zilithola ibhola kodwa zihluleke ukuhlanganisa iminyakazo eya phambili, zililahle kalula ibhola.
“Abadlali akubona bodwa abaphoxekile kodwa sizizwa ngendlela efanayo siyithimba labaqeqeshi, kanjalo nabalandeli beKaizer Chiefs. Ngeke sikwazi ukujabulela ukudlala ngokulingana ngoba besifuna ukunqoba ekhaya.”
Amakhosi asedlale imidlalo emihlanu yeligi nemibili yeMTN8 selokhu kuqale isizini ka-2023/24. Kwiligi iChiefs isanqobe kabili, yahlulwa kabili yadlala owodwa ngokulingana. Kunegebe lamaphuzu awu-11 phakathi kwayo neSundowns eqhwakele, enomdlalo owodwa ngaphezulu.
UNtseki unethemba lokusebenzisa izinsuku ezizayo ukuhlanganisa iqembu, ikakhulukazi abadlali abasha, futhi anike ithuba lokululama kwabakhathele nabathintekile. Kwiligi bazobuye enkundleni ngoSepthemba 16 neRoyal AM eFNB Stadium.
“Leli khefu leFifa liza ngesikhathi esifanele. Sizokwazi ukusebenzisana nabadlali, ikakhulukazi kwezamaqhinga, siphinde sibanike nesikhathi sokuphumula."
Phakathi kwabadlali uNtseki afuna ukubabona bejwayela ukuba yingxenye yeqembu, kukhona umgadli omusha u-Efmamjjasond (Jasond) González, ongene esiwombeni sesibili koweSundowns.
Lo mqeqeshi unethemba lokuthi uGonzalez uma eseqala ukuzinza uzoqala ukukhombisa ikhono lakhe njengoCastillo, oseshaye amagoli amathathu selokhu ejoyine ekuqaleni kwesizini.
“Sithatha yonke imidlalo nazo zonke izikhathi zokuzilolonga njengegxathu eliya phambili. Ngicabanga ukuthi sizokwazi ukuthatha yonke imibuzo esiyibuzwe kulo mdlalo neSundowns, sisebenzele ukuthola izimpendulo.
"Engifuna ukukudluliisa kubadlali nabalandeli wukuthi siyaqhubeka nomsebenzi. Asikahlulwa emidlalweni emithathu yakamuva futhi siyawashaya amagoli.
“Mayelana noGonzalez, ngicabanga ukuthi usesimweni esifanayo nesika-Edson. Sizosebenza kanzima ukuze ayiqonde le ligi, aqonde izimbangi aphinde ajwayele namaqhinga ethu.
“Kuba nzima kakhulu uma ulanda umdlali obengekho ngesikhathi nilungisela isizini kodwa kubhekwe ukuthi enze kahle zibekwa nje. Okusemqoka wukuthi simsize azinze, aqonde ukuthi yini esibheke ukuthi ayilethe eqenjini nalokho angakulindela kozakwabo,” kuphetha uNtseki.