KUVUKE iminjunju kumqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, ngesikhathi ebona owayengukaputeni waMakhosi, uTefu Mashamaite, engena ephethe indebe endala yeMTN 8 emcimbini wokwethula lo mqhudelwano izolo emini, eGoli.
Lo mqhudelwano onentshontsho lika-R8 million wethulwe ngokusemthethweni izolo kodwa bese kuvele kwaziwa ukuthi iChiefs iwuvula ngomdlalo wasekuhambeni neCape Town City ngeSonto, ngo-3 ntambama, e-Athlone Stadium, eKapa.
Kulokhu kwethulwa komqhudelwano, abakwaMTN nePremier Soccer League (PSL) baphinde bakhangisa ngenkomishi entsha yalo mqhudelwano ovikelwa i-Orlando Pirates.
Ibheke kweyishumi iminyaka iChiefs ingafake lutho ekhabetheni lezinkomishi okungelinye lamajoka athwelwe uNtseki kusukela ethathe lo msebenzi ku-Arthur Zwane.
UNtseki utshele izihambeli zalo mcimbi ukuthi kumvusela iminjunju ukubona ukaputeni wabo wakudala(uMashamaite) engena nenkomishi kwazise leli qembu belaziwa ngakho ukuziqoqa phambilini.
IChiefs yagcina ukunqoba izicoco ngayo iMTN8 neseligi ngesizini ka-2014/2015.
“Ukubona kwami uTefu Mashamaite engena nenkomishi kungikhumbuze izithombe (zezindebe) engisanda kuzibuka ekomkhulu leChiefs lapho abadlali baphambilini bethathwe khona nazo (ngokwahlukana kwazo,” kusho uNtseki kulo mcimbi obuvezwa bukhoma kwiSuperSport.
“Sizimisele ukwenza konke okusemandleni ukuzama ukubuyisa isithunzi seqembu nezikhathi zenjabulo kubalandeli. Simelwe ukufika kowamanqamu kulokhu bese siyawunqoba umqhudelwano.
“Ngesizini edlule size saphuma kulo mqhudelwano singayazi induku. Lokhu kufanele simbongele kona uZwane nethimba lakhe ngokuthi bakwazi ukufaka iqembu kwiMTN 8 nakulokhu,” kuqhuba yena.
Mayelana nokubhekana neCity ekuhambeni, uNtseki, uthe, njengoba irekhodi lisho ukuthi bajwayele ukuthwala kanzima kulo mdlalo, nakulokhu babheke okufanayo.
Uphinde wathembisa ukuthi bazozama ngalo mdlalo ukulungisa amaphutha abawenze beshaywa iMamelodi Sundowns koweDStv Premiership ngoLwesithathu, e-Atteridgeville.
IChiefs ihlulwe ngo 2-1. Lo mphumela olandela ivula isizini ngo 0-0 neChippa United.
UNtseki obese kungumdlalo wakhe wesibili weligi, utshele abezindaba emuva komdlalo weSundowns, ukuthi ubone abadlali bakhe beyihloniphe kakhulu iSundowns. Okugqamile emdlalweni wukuthi isiwombe sokuqala siphele iChiefs ingakaze ilikhahlelele nakanye ipali, ngisho nje ukwakha ithuba elithembisayo legoli.
“Konke okwenzeke esiwombeni sokuqala bekungeyona into ebesiyihlelile. Eqinisweni senze okuphambene kunalokhu obekufanekle sikwenze. Siqome ukuhlala emuva esikhundleni sokuyixina eduze iSundowns. Ngenxa yalokhu size saphaphama esiwombeni sesibili sekuvele konakele,” kusho yena.
Imidlalo yama-quarterfinal yeMTN8:
Kusasa - Ngo-3pm: Mamelodi Sundowns v Moroka Swallows (Lucas Moripe Stadium).
Ngo-6pm: Orlando Pirates v Sekhukhune United (Orlando Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: Cape Town City v Kaizer Chiefs (Athlone Stadium).
Ngo-6pm: SuperSport United v Stellenbosch (Peter Mokaba Stadium).