ONGUMDLALI wasemuva kwiSekhukhune United, uSiphosakhe Ntiya-Ntiya, uthe yize bemagange ngokuphinda bahambe ibanga emqhudelwaneni womkhumulajezi iNedbank Cup kodwa ngeke nangephutha balizele ngobuso iqembu le-ABC Motsepe League abaqhathwe nalo kwiLast 32.
ISekhukhune eyafinyelela kowamanqamu weNedbank Cup ngesizini edlule lapho yaguqiswa khona yi-Orlando Pirates, iqhathwe neHighlands Park egijima kwiSafa Gauteng ABC Motsepe League kowe-Last 32 kulo mqhudelwano okhuza ibuya kule sizini ka-2023/24.
Imidlalo yeNedbank Cup Last 32 izodlalwa kusukela ngoFebhuwari 20 kuya ku-25. Ihlanganisa amaqembu angu-16 eDStv Premiership, ayisishiyagalombili adlala kwiMotsepe Foundation Championship, nayisishiyagalombili adlala esigabeni sama-amesha ngaphansi kwamaligi eSafa.
ISekhukhune izobhekana neHighlands Park, ngoFebhuwari 21, eDobsonville Stadium, eSoweto.
“Kuhlale kuyisifiso sawo wonke umdlali ukuzibona edlala kowamanqamu omqhudelwano womkhumulajezi. Yingakho-ke nakule sizini sikulangazelele ukuphinda sizibone sihamba ibanga kwiNedbank Cup njengoba senzile ngesizini edlule sifinyelela kowamanqamu. Yize yasishaya iPirates kowamanqamu kodwa nathi sasinethuba lokuwunqoba lowa mdlalo, siyiphakamise indebe yeNedbank kodwa kwagcina kungenzekanga. Ngakho-ke nakule sizini sizokulwela ukuphinda sihambe ibanga futhi kulo mqhudelwano,” kusho uNtiya-Ntiya owayegijima kwiKaizer Chiefs.
“Ukuqhathwa neqembu elidlala kwiMotsepe League kuhlale kuyinselelo ngoba amaqembu adlala kulezi zigaba zama-amesha adlalela ukufa nokuphila uma ebhekene naweDStv Premiership ngoba abadlali bawo basuke bezimisele ngokuzakhela igama, babonwe ngamanye amaqembu.
Noma singayazi kahle iHighlands Park esiyodlala nayo njengoba sazi ukuthi akuseyona leya esiyaziyo eyayidlala kwiPremiership kodwa siyazi ukuthi ngeke kube lula neze ukubhekana nayo. Ngakho-ke ngeke nangephutha siyithathe kancane ngoba ingasimangaza, sizithole siphuma ekuseni kulo mqhudelwano,” kuqhuba uNtiya-Ntiya.
IHighlands Park eyayidlala kwiPremiership, yadayiswa ngasekuqaleni kwesizini ka-2020/21 isitifiketi sayo sathengwa nguTim Sukazi weTS Galaxy.
Leli qembu labe selithenga igunya lokudlala esigabeni seMotsepe League okuyisona sigaba eligijima kusona njengamanje.
Isiyonke imidlalo yeNedbank Last 32 imi kanje:
NgoFebhuwari 20:
Ngo-7pm:
NB La Masia v Mamelodi Sundowns (Dobsonville Stadium); Supersport United v Cape Town City (Lucas Moripe Stadium)
NgoFebhuwari 21:
Ngo-7pm:
Highlands Park v Sekhukhune United (Dobsonville Stadium); University of Pretoria v Cape Town Spurs (Tuks Stadium)
NgoFebhuwari 22:
Ngo-7pm:
AmaZulu FC v Royal AM (King Zwelithini Stadium)
NgoFebhuwari 23:
Ngo-7pm:
Golden Arrows v TS Galaxy (Mpumalanga Stadium); Stellenbosch FC v Pretoria Callies (Danie Craven Stadium)
NgoFebhuwari 24:
Ngo-3pm:
SAFA Mpumalanga v Orlando Pirates (Mbombela Stadium); FC Ravens v Spain FC (Princess Magogo Stadium); JDR Stars v Hungry Lions (Giant Stadium); Platinum City Rovers v Moroka Swallows (Isak Steyl Stadium)
Ngo-6pm:
Richards Bay FC v Polokwane City (King Zwelithini Stadium)
NgoFebhuwari 25:
Ngo-3pm:
Maritzburg United v Paarl United (Princess Magogo Stadium); NC Professionals v Chippa United (Mxolisi Jacobs Stadium); D’General v Madridtas FC (Isak Steyl Stadium)
Ngo-6pm:
Kaizer Chiefs v Milford FC (FNB Stadium)