NAKUBA omunye wabaqeqeshi beRoyal AM, u-Abram Nteo, ekujabulele ukuthi badlale ngokulingana eSwatini, emlenzeni wokuqala wokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo eCaf Confederation Cup kodwa alimthokozisanga ibhola elidlalwe ngabafana bakhe.
Ngempelasonto edlule, iThwihli Thwahla ibambane ngeqanda neMbabane Highlanders emdlalweni obuseSomhlolo National Stadium, ekuhambeni.
Kulo mdlalo ebhentshini laleli qembu bekuhleli uNteo. Abaqeqeshi abajwayele ukuhola iqembu emidlalweni yeDStv Premiership, uDan "Dance" Malesela noKhabo Zondo bebehleli nabalandeli. Kuzokhumbuleka ukuthi iCaf ephethe ibhola e-Afrika, inomthetho othi abaqeqeshi bamaqembu azodlala kwiChampions League nakuConfederation Cup, kumele babe noCaf A Licence noma u-Uefa Pro Licence.
Nokho akukho okucaciswe yiqembu ngezicucu zalaba baqeqeshi bobathathu.
"Esiwombeni sokuqala asidlalanga kahle neze. Indlela ebesidlala ngayo beyidala ukuthi izitha zethu zize ngamandla. Esiwombeni sesibili, sizamile ukudlala kangcono. Nokho sihluleke sancama ukusebenzisa amathuba ngendlela efanele. Bekumele sivalele phakathi noma amagoli amabili," kubeka uNteo.
IRoyal AM ibidinga ukushaya noma igoli elilodwa lasekuhambeni kulo mdlalo ukuze izinto zibe lula uma isidlalela ekhaya.
"Ukube sinqobile kulo mdlalo izinto bezizoba ngcono emlenzeni wesibili. Nakuba ngingafuni ukubeka izaba kodwa nokungabi sesimeni esihle kwenkundla kusibulele kakhulu. Besingadlali ibhola ngendlela esiyijwayele.
"Kulo mdlalo siphinde sahluleka nawukukhanda amathuba amaningi. Kuyasiphoqa ukunqoba emlenzeni wesibili. Nginethemba lokuthi uma sesidlalela ekhaya sizokwenza kahle," kuqhuba uNteo.
Umlenze wesibili wokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo ungo-4 ntambama, ngoLwesihlanu, eMoses Mabhida Stadium.
Sisekuzo ezithinta imiqhudelwano yeCaf, iCape Town City ishaye ngo-2-0 i-Otoho d' Oyo yaseRepublic of Congo, kowokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo eChampions League, e-Athlone Stadium. Idlule ngamagoli kaTaahir Goedeman nelakaMark van Heerden. Nakuyona, umqeqeshi u-Eric Tinkler, ubengekho ebhentshini njengoba engenawo amaphepha adingwa yiCaf.
Umlenze wesibili ungeSonto, ngo-4.30 ntambama, eStade Alphonse Massamba-Debat, eCongo.