UMQEQESHI weqembu lesizwe le-Under 23, uDavid Notoane, uneqhinga lokunqoba iCongo-Brazzaville emdlalweni womlenze wesibili wokuhlungela i-Under 23 Africa Cup of Nations (Afcon).
Abafana bakaNotoane bazogadulisana neCongo-Brazzaville ekuhambeni namuhla besesimeni esibucayi. La maqembu adlale ngokulingana ngo-1-1 eDobsonville Stadium ngesonto eledlule. Lokhu kusho ukuthi elakuleli lidinga ukuwina noma lidlale ngokulingana okunamagoli ukuze lizozibekisela indawo kwi-Under 23 Afcon ezoba ngoJuni 24 kuya kuJuly 8 eMorocco. Amaqembu amathathu azoqeda phezulu lapho azomela i-Africa kuma-Olympics azoba seFrance ngonyaka ozayo.
Umdlalo wanamuhla ungo-4 ntambama eMassamba-Debat Stadium, ekuhambeni.
"Ngicabanga ukuthi kufanele sibahlasele zibekwa. Bayiqembu esikwaziyo ukuliqala emuva noma nimakile. Kudingeka nje silungise phambili, siqedele amathuba esiwakhayo ngokuthatha izinqumo ezifanele. Kufanele sisheshe endleleni esizodlala ngayo, umdlalo siwuyise kubona, sizame ukushaya igoli ngokushesha noma sishaye igoli kuqala ukuze umdlalo uzovuleka. Lokho kuzobaphoqa ukuthi basuke emuva, bazame ukusihlasela. Nginalo ithemba ngenxa yezinga eliphezulu labadlali esinabo nezinga lebhola esilidlalayo. Siyakwazi ukudlala uma nje singalungisa amaphutha amancane esiwenzayo lapha nalaphaya. Bayiqembu elinzima uma siphunyukwa yibhola. Ngakho kufanele silungise indlela esimaka ngayo ukuze senze isiqiniseko sokuthi abasidaleli izinkinga," kusho uNotoane ethimbeni leSafa labezindaba.
Iqembu lakuleli selivele libhekane nezimo ezinzima ekuhambeni. Kusabalale imibiko yokuthi lilahlekelwe yizikhwama zabadlali nesejezi. UNotoane uveze ukuthi inkundla yokuziqeqesha abayitholile ayinawo ugesi. Lokhu kuholele ekutheni baziqeqeshe imizuzu engu-45 kuphela ngoMgqibelo. Nokho lokhu kuzofanele bakubeke eceleni, balwele indawo kwi-Afcon.
"Ngicabanga ukuthi uma singawuphatha umdlalo sizokwazi ukuwina noma sithole umphumela ozokwenza sidlulele esigabeni esilandelayo. Kuzobaluleka ukuthi sishaye okungenani amagoli amabili. Ngingasho ukuthi elilodwa lilungile kodwa ngibheke amabili kulo mdlalo ngoba lokho kuzokwenza sidlule ngendlela ecacile," kusho uNotoane.