Umdlali wasesiswini weSupersport United, uPhathutshedzo “Pogba” Nange, uthi ukungadlali kwakhe njalo kuyinkomba yokuthi leli qembu linabadlali abasezingeni, okwenza umbango wejezi ushube futhi okuyinto emkhuthazayo ekuqhubekeni nokusebenza kanzima.
UNange (32) ungomunye wabadlali abanamava abasayiniswe yiSupersport ngaphambi kokuqala kwale sizini, ngenhloso yokuqinisa isikwati sayo njengoba kule sizini iyibambe nakwi-Caf Confederation Cup.
Lo mdlali odlale amasizini amabili kwiKaizer Chiefs, useqiwa yijezi okwamanje emidlalweni ye-DStv Premiership. Usadlale emihlanu kuphela, okubalwa owodwa asawuqalile nemine ayidlale esuka ebhentshini.
KweyeConfederation Cup uyalithola ijezi njengoba esadlale emine kwemihlanu.
“KwiSupersport ngeza ngazi kahle ukuthi inabadlali abahle, abasezingeni abazimiselayo ngaso sonke isikhathi. Kwakungekhona ukuthi ngizozingenela nje kalula esikimini ngoba kuyiSupersport, yingakho-ke kungangikhathazi ukungadlali kwami njalo.
Ngiyazi ukuthi ithuba ngisazolithola nasemidlalweni ye-DStv Premiership njengoba ngilithola emidlalweni yeConfederation Cup,” kusho uNange.
KuMatsatsantsa a Pitori ubanga ijezi noSiphesihle Ndlovu noGrant Margeman enkabeni yenkundla.
UNange udlale ngaphansi komqeqeshi uGavin Hunt kwiBidvest Wits (engasekho) nakwiChiefs, ngenkathi uHunt esaqeqesha kwiChiefs.
Ngaphandle kukaNange, omunye umdlali osebenze noHunt kwiWits nguThulani “Tyson” Hlatshwayo, naye ophinde wahlangana nalo mqeqeshi kuMatsantsantsa esesuka kwi-Orlando Pirates.
“Ngisebenzile nomqeqeshi uGavin kusukela kwiWits futhi ngenkathi kuvela ithuba lokuthi ngize la kwiSupersport angizange nginanaze ngoba ngazi ukuthi ngiyosebenza nomqeqeshi okholelwayo kimina.
Kodwa lokho akusho ukuthi ngiyintandokazi yakhe, kufanele angidlalise noma kungafanele, cha. Ngiyazi kufanele ngisebenze ngokuzikhandla njengawo wonke umdlali okhona eqenjini ngibe sesikimini ngoba kufanele.”
UNange owayeseqenjini leChiefs elaliyibambe kwiCaf Champions League ngesizini ka-2020/21 lapho elaguqiswa khona yi-Al Ahly yase-Egypt kowamanqamu (yize engadlalanga kowamanqamu), uyavuma ukuthi isipiliyoni sakhe sokudlala emidlalweni yeCaf yisona asidinga kakhulu uHunt njengoba emdlalisa kule midlalo uma kuqhathaniswa neyePremiership.
“Isipiliyoni asithengwa. Ngidlalile kwiConfederation Cup ngisekwiWits ngesizini ka-2019/2020, ngadlala nakwiChampions League ngenkathi sengikwiChiefs.
Ngakho-ke ukudlala kwethu (iSupersport) kwiConfederation Cup kuyabadinga abadlali abanesipiliyoni sokudlala kulo mqhudelwano njengathi.
Sidinga nje ukunqoba imidlalo emibili esisalele eqoqweni lethu ukuze sikwazi ukwedlulela esigabeni esilandelayo somkhumulajezi. Ngesikwati esinaso angingabazi ukuthi sizokwazi ukuhamba ibanga kulo mqhudelwano.”
ISupersport engayiqalanga kahle imidlalo yeConfederation Cup, ivale unyaka ngokunqoba umdlalo wayo wokuqala weGroup A ishaya i-Al Hilal Benghazi yaseLibya ngo 2-1 ngoDisemba 20.
Izobuyela kweyeConfederation Cup ngokubhekana neModern Future yase-Egypt, ngoFebhuwari 25, bese isonga eyamaqoqo nge-USM Alger yase-Algeria ngoMashi 3.