ISITOBHA se-Orlando Pirates, uSandile Mthethwa, sidalula okubacekele phansi bekhishwa kuseva emqhudelwaneni iCaf Champions League.
I-Pirates ikhale ngaphansi kwiJwaneng Galaxy yaseBotswana emzuliswaneni wokugcina wokuhlungela isigaba samaqoqo seChampions League, emasontweni amabili adlule.
Lokhu kushaqise abalandeli bayo abaningi kwazise iJwaneng ayazelwa lutho olungako emiqhudelwaneni yeCaf. I-Pirates izithwese ugodo ngokuhlulwa ekuhambeni nokwehluleka ukushaya igoli.
EZimnyama zibasule izinyembezi abalandeli ngokuwina indebe ye-MTN8 ehambisana nesizumbulu sika-R8 million yehlula kumaphenathi iMamelodi Sundowns eThekwini.
UMthethwa waseMgwelezane, eMpangeni, uthe kufanele bawalungise amaphutha abawenzile, bafunde isifundo ngokuphuma kuseva kwiChampions League.
"Akubanga yinto enhle kithina. Siphatheke kabi. Yinto okufanele siyilungise ngokuhamba kwesikhathi. Imidlalo efana nalena ibalulekile kithina.
Ngakho kufanele sizame futhi ukuzibekisela indawo kwiCaf ukuze senze isiqiniseko sokuthi amaphutha esiwenzile kule sizini awenzeki ngezayo," kusho uMthethwa.
"Kufanele sazi ukuthi alikho iqembu elilula kwiCaf. Noma yinini uma siyodlala ngaphandle, kufanele sibuye nokuthize. Ngicabanga ukuthi sifunde lukhulu. Ngesizini ezayo sizokwenza isiqiniseko sokuthi isipiliyoni esisitholile siyasisiza, ukuthi singene esigabeni samaqoqo, siqhubekele phambili."
Kubalandeli eZimnyama, uMthethwa usakhunjulwa ngegoli lokuwina alishaya ngesikhathi esengeziwe kowandulela owamanqamu weNedbank, bedlala neKaizer Chiefs ngesizini edlule.
Uthole ithuba, usebolekiswe yiPirates izikhawu, kwiRichards Bay FC nakwiChippa United. UMthethwa ujoyine iPirates esuka kwi-KZN Academy ngesizini ka-2015/2016.
"Yinto engangihlala ngiyifuna ukuba yingxenye ye-Orlando Pirates. Ukubolekiswa kungisize kakhulu. Ngingathi ngiyajabula ukuthi ngakwemukela ukubolekiswa.
Kungijabulisile ukubuyiswa ngizoba yingxenye yomndeni, ngisize iqembu liwine izindebe. Ngiyajabula ukuthi bengiseqenjini eliwine izindebe ngesizini edlule. Ngibheke ukuqhubeka ngisize iqembu," kusho uMthethwa.
"Engazitshela khona ngesikhathi ngibolekiswa, wukuthi iqembu lisangidinga yikho lingibolekisa. Ngakuthatha kahle ngathi angihambe ngiyothola isipiliyoni.
Uma ngibuya ngizobe sengazi ukuthi sengikulungele ukudlalela iPirates ngoba kayilona iqembu elilula. Kufanele ukulungele ukudlalela iPirates ngoba ekufunayo wukuwina izindebe kuphela."