NAKUBA uSandile Mthethwa oyisitobha se-Orlando Pirates elizwa ngendaba ijezi kodwa uthi ngeke alenze iphutha lokuzonda abaqeqeshi nabadlali abanga nabo ijezi ngoba uyazi ithuba lakhe liyeza.
Kusukela lo mdlali oyibamba maphakathi emuva afika kweZimnyama ngesizini ka-2015/16 ephuma kwiKZN Academy, akakaze azinze ngokuphelele. Ubehlale ebolekiswa ikakhulukazi kwiRichards Bay nakwiChippa United.
Selokhu ebuyele ekhaya kweka-2021/22, wamukelwe kahle njengoba adlaliswa eyeDStv Premiership ewu-24 waphinde washaya negoli.
Ngesizini ka-2022/23, udlale eyeligi eyisishiyagalolunye kuphela kodwa waphenduka iqhawe eshaya igoli elafaka ezakhe kowamanqamu eNedbank Cup bebhekene nezimbangi zabo ezinkulu, iKaizer Chiefs.
Izinto zimnyama kakhulu kwisizini ephezulu ngengoba umqeqeshi uJose Riveiro engakambopheli nakowodwa weligi.
Okumduduzayo uMthethwa ukuthi usifakile mbijana isandla ekuvikeleni inkomishi yeMTN8 nakuba edlale owodwa.
URiveiro uphinde wamnika ithuba kwemibili yeCaf Champions League. Ijezi ulibanga noNkosinathi Sibisi, Tapelo Xoki, Olisa Ndah noThabiso Sesane.
UMthethwa uthe lesi simo abhekene naso simfundise ukubekezela, hhayi kuphela ebholeni kodwa empilweni jikelele.
"Empilweni kunezinto ongeke ukwazi ukuzishintsha kodwa ongakwazi ukuzibekezelela. Ukulinda isikhathi sakho kuwukhiye empilweni," kubeka uMthethwa.
Nakuba kunzima kodwa le nsizwa edabuka eNgwelezane, eMpangeni, ithe izoqhubeka nokweseka laba ebanga nabo ijezi.
"Yisikhathi sabo, kumele baxhaswe. Nami uma sengilitholile ithuba ngizoludinga uxhaso lwabo. Ngizodinga bangivulele izinhliziyo zabo njengoba bengenza. Ngaleyo ndlela inhlanhla izoba ngakimi ngoba nginenhliziyo emsulwa nehlanzekile.“
Uqhube wathi: "Kwisimo engikuso ngeke ngithi abaqeqeshi abangithandi. Kubadlali abawu-32 kumele badlalise abawu-11 kuphela. Ngeke ngibaphoqe ngokuthi badlalise mina bese bemshiya ngaphandle engibanga naye ijezi. Isinqumo ngesomqeqeshi, uma ethi uzodlalisa omunye kumele ngamukele.
"Okwami ukuqhubeka nokusebenza kanzima, ithuba lizoqhamuka. Uma lifika ngizolibamba ngazo zombili. Kumele ngitshengise ukuthi bengingabekwa ngaphandle ngoba ngibheda kodwa yingoba ngingungwe abadlali bezinga eliphezulu.“