UKAPUTENI weMamelodi Sundowns, uThemba "Mshishi" Zwane, usale engakholwa ngesibindi esikhonjiswe uzakwabo, u-Aubrey Modiba, ngesikhathi eshaya igoli ngendlela ejwayeleke ezitekini nasemgwaqweni, ekubeni bekubangwa izizumbulu ze-African Football League (AFL) neWydad AC yaseMorocco ngeSonto, eLoftus Versveld.
UModiba ushayele isipikili sokugcina kwiWydad ngokushaya igoli lesibili kowomlenze wesibili wamanqamu walo mqhudelwabo onentshontsho likaR74 million obekungokokuqala emlandweni udlalwa amaqembu athathwa njengamakhulu ebholeni lase-Afrika.
Leli goli likaModiba belengeza kwelikaPeter Shalulile, alinamathisele enethini esiwombeni sokuqala kanti beliqinisekisa ukuthi iSundowns iyona engomakhonya kwazise inqobe ngo 3-2 sekuhlanganiswa yomibili imilenze yowamanqamu.
Ngesikhathi iWydad isiwukhuphule ngamandla umdlalo wayo ngenhloso yokushaya igoli lokulinganisa ebelizoweza yona, uModiba uthole ibhola maphakathi nenkundla wadlulisa izitobha ezimbili ehamba ngesivinini esiphezulu.
Uthe angaqeda ukwenza lokhu wase eqaphela ukuthi unozinti weWydad usevele ulele phansi okulandelwe ukuthi lo mdlali obegqamile ngasophondweni lwesokunxele lweSundowns, eqise ibhola sakunganaki kulo nozinti lazihambela laze layoqabula inethi.
UZwane uzikhuze kaningi ecishe ebhadlaza inhlamba esithangamini nabezindaba ngoba ethuswa okwenziwe uzakwabo.
"Unesibindi esibabazekayo uModiba ngokushaya igoli lalolu hlobo emdlalweni omqoka ngale ndlela," kusho uZwane.
"Cha uyinsizwa ngakubo. Angiziboni ngisho ngikucabanga lokhu akwenzile ngoba yinto esasiyenza sisebancane emidlalweni engenayo ingcindezi yalolu hlobo.
"Ukukha ibhola ngaleya ndlela emdlalweni okubangwa kuwona uR74 million kukhombisa isibindi nokuzethemba okumangalisayo ngakho-ke ngimthulela isigqoko uModiba," kusho uZwane.