UKAPUTENI nomdlali ogijima esiswini kwiMamelodi Sundowns, uThemba ‘Mshini’ Zwane, uthe ngeke nangephutha bayizele ngobuso iChippa United abazobhekana nayo namuhla ebusuku emdlalweni weDStv Premiership.
ISundowns, engagayelwa mphako kulezi zinsuku izotholana phezulu neChippa namuhla ngo-8 ebusuku, eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
ISundowns iza kulo mdlalo nje, ngoLwesithathu bekumele idlale neTS Galaxy kodwa umdlalo wahoxiswa ngenxa yokubandakanyeka engozini yomgwaqo kwebhasi leGalaxy, nemoto encane.
IDowns izibekisele indawo kuma-quarterfinal eCaf Champions League yaqeda iphezulu kuGroup A womqhudelwano ngempelasonto edlule. Ivale ngenothi eliphezulu esigabeni samaqoqo ishaya iTP Mazembe ngo 1-0.
Ngaphambi kwalowo mdlalo, ithele AmaZulu FC ngesibhaxu sika 3-0 kowePremiership.
“Akuwona umdlalo olula. Njalo uma iChippa sidlala nayo iyazimisela kakhulu. Kanti-ke njengoba bewine kahle emdlalweni abasanda kuwudlala, siyazi ukuthi beza kithi benomfutho omkhulu nokuzimisela.
“Kodwa-ke sikulungele ukubhekana nabo. Siwubukile umdlalo wabo (neRichards Bay), sawuhlaziya, ngakho sizimisele ukubhekana nabo sibanqobe. Abalandeli bethu sibathembisa umdlalo omuhlea bangawuthokozela,” kuchaza uZwane.
Uqhube wathi ukuhlehliswa komdlalo wabo neTS Galaxy ubona kubanike ithuba elingconywana lokukhokha umoya ngenxa yokucinana kwemidlalo asebeyidlalile muva nje.
“Sesidlale imidlalo eminingi ilandelana, ngakho ukuhlehliswa komdlalo wethu neTS Galaxy nakuba uhlehliswe ngesizathu esingesihle kodwa kusinike ithuba elanele lokuphumula senze kahle namalungiselelo omdlalo esiyowudlala neChippa.”
Yize ngomzuliswano wokuqala iChippa iguqe ngo 2-0 kwiDowns kodwa kulokhu iChilli Boys kuthe gidi, ngaphambi komdlalo wanamuhla ngemva kokuxebula kwayo iRichards Bay FC ngo 3-0 ngoLwesithathu.
IChilli Boys isendaweni ka-10 kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-23 emuva kwemidlalo engu-19. Iyawadinga amaphuzu kulo mdlalo ukuze izoxaxama kule ndawo ekuyona kwi-log.
Ngakolunye uhlangothi, amaSandawane asaqengqeleze njalo phezulu kwi-log yePremiership. Ukunqoba kwawo lo mdlalo kungawanika ithuba lokuvula elinye igebe esicongweni se-log.