OBEPHEKA iqembu leCarling All Stars, uJose Riveiro, uzichaze njengomqeqeshi ongakholelwa ekunqindeni abadlali abadle ngemijiko nezitayela njengoMfundo “Obrigado” Vilakazi, weKaizer Chiefs.
URiveiro ugcizelele ukuthi yize kunjalo kodwa kunemigomo nemibandela okumele ayilandele uma enza lokhu enkundleni.
URiveiro obevotelwe ngabalandeli ukuba ahole i-All Stars osekungumlando ukuthi inqobe ngo 2-1 kwiStellenbosch FC koweCarling Black Label Cup ngempelasonto, ePolokwane, uzwakalise ukubathakasela abadlali abalihlikihlayo inqobo nje uma kungeke kuphume kujantshi kulokhu okusuke kuhleliwe.
I-All Stars inqobe lo mdlalo ngelinye lamagoli kaVilakazi odlalela iChiefs kwiDStv Diski Challenge (DDC). Lo osekukhulunywe kakhulu ngaye mayelana nokukhushulelwa kwakhe esigabeni esikhulu, ukhombise ukuzethemba ebeka phakathi i-free kick umdlalo usanda kuqala.
Elinye igoli leqembu lekhethelo lishaywe, u-Ashley du Preez, naye weChiefs, kwathi uMervin Boji, washayela elompetha beCarling Knockout Cup elokubika.
Ngaphambi kwalo mdlalo, uVilakazi ubengafihli ukuthi uma enikiwe ithuba uzobabonga ngendlela okuyiyona yodwa ayaziyo abalandeli.
Nangempela kunezikhathi lapho lo mdlali abeke alihlilihle khona kuchwaze inkundla ikakhulukazi eseshaye igoli ebelibahambisa phambili.
Lokhu bekungeyona inkinga kuRiveiro ngokusho kwakhe ngoba vele ungumlandeli wabadlali abangesabi ukuveza abakuphiwe uMdali.
“Abadlali engisebenza nabo nsukuzonke bayakwazi engikwamukelayo nengingazwani nakho kodwa okufanele sikwamukele ukuthi lukhona lolu hlobo lwabadlali,” kusho uRiveiro ejobelela ngokuthi uyaluthanda (lolu hlobo lwabadlali).
“Abadlali banezindlela eziningi zokukhuphula ukuzethemba kwabo emdlalweni. Ngenhlanhla ngiyilolu hlobo lomqeqeshi olithandayo ibhola elijabulisa abalandeli, inqobo nje uma lingaphambani nalokhu esisuke sikuhlele njengeqembu.
“Kubaluleke kakhulu ukuthi aliveze ithalente lakhe uma enalo umdlali ikakhulukazi osemncane njengoVilakazi, ngoba lokhu kwenza nokuzethemba kwakhe kukhule.
“Anginankinga nokuhlala phansi nabadlali bami sikhulume ngokweqa ibhola kujabule abalandeli kodwa lokhu kufanele kusisize njengeqembu ukuthi sisheshe sifike emapalini ezitha nanoma ikuphi okwenza iqembu lonke libengcono,” kusho uRiveiro.
Ngokusho kwabaxhasi, sebebonke abadlali be-All Star XI okuhlanganisa nethimba labaqeqeshi, bazohlukaniselana uR2 million (R60 000 umadlali ngamunye). UKhune uzothola le mali noR100 000 wokuba umdlali ovelele wosuku. IStellenbosch ihlomule ngoR1 million.