INGWAZI ye-Orlando Pirates, u-Edward “Magents" Motale ixwayisa abadlali nomqeqeshi waleli qembu, uJose Riveiro ngokuthi bazoziqhatha nolaka lwabalandeli uma bezolahla amaphuzu singekho isidingo.
Usuku lwangoMgqibelo odlule luphele kabuhlungu ezinhliziyweni zabalandeli bamaBhakabhaka eshaywa ngo-2-1 yiSekhukhune United ebone kuqala imbobo yepali ngegoli likaVusumzi Mncube. Elesibili lize noLinda Mntambo owake waba semabhukwini eZimnyama.
Elokubika leZimnyama lishaywe uTshegofatsho Mabasa.
Kulo mdlalo iPirates yakhe amathuba awu-16. Ayingozi abe yisishiyagalolunye. Ibiwulawula umdlalo ngamaphesenti awu-76, kunawu-24 eSekhukhune.
Ishaye amakhona ayisikhombisa, yaba yodwa eyezitha. Ukube inqobile beyizobambana ngamaphuzu awu-35 neStellenbosch elele isibili. Njengamanje zikweyesine ngamaphuzu awu-33, emidlalweni ewu-21.
Ngendlela abecasuke ngayo uRiveiro ngemuva komdlalo, ubehluleka ngisho ukukhuluma nezintatheli. Usole abadlali bakhe ngokuyeka amathuba.
"Asidlalanga ngendlela efanele, besingafiki kuqala ebholeni futhi siyeke inqwaba yamathuba. Siphinde sashaywa yiqhinga lokumosha isikhathi kweSekhukhune," ushaye ngamafuphi kanje uRiveiro.
UMotale owayengukaputeni iPirates inqoba inkomishi yeCaf Champions League ngo-1995, utshele Isolezwe ukuthi uphoxekile ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo. Uqhube wathi okubuhlungu lilahle amaphuzu ngesikhathi esibucayi.
"Okubuhlungu ukuthi iPirates idliwe ekubeni yakhe inqwaba yamathuba. Akwamukelekile lokhu eqenjini elifana nePirates. Nangesikhathi idliwa iStellenbosch ngasekupheleni konyaka odlule kube into efanayo.
“Ngeke kulunge uma abadlali bayo bezoqhubeka kanjena. Yebo mhlawumbe isicoco kubukeka sesihambe neSundowns. Kodwa-ke okungenani kumele siqede endaweni yesibili ukuze sizoya kwiChampions League," kubeka uMotale.
Uqhube wathi: "Uma abadlali bePirates bezoqhuba kanje bazoziqhatha nabalandeli. Kubuhlungu kubo ukuthi sekuphele iminyaka bagcina ukunqoba inkomishi yeligi. Yebo zikhona izinkomishi asebezinqobile kodwa neseligi sibalulekile. Abanyuse amasokisi, kule midlalo esele kumele benze kahle.“
Kusasa (ngoLwesithathu) eZimnyama zizobhekana neMoroka Swallows, ngo-7.30 ebusuku, eDobsonville Stadium.
Kulo mdlalo kubhekwe ukuthi uMabasa aqhubeke nokubhakuzisa inethi. Kuzokhumbuleka ukuthi lo mgadli usanda kubuya ekubolekisweni kwiSwallows.
IZinyoni zizoya emdlalweni wakusasa zihambela phezulu njengoba kowedlule zishaye iCape Town Spurs. Zilele endaweni yesi-13, ngamaphuzu awu-24 emidlalweni ewu-21.