OWAYENGUMDLALI wasesiswini kwiKaizer Chiefs, uTshepo Molatedi, ukholwa wukuthi sekuyisikhathi sokuthi isikhwishikhwishi somdlali wasesiswini, uMfundo “Obrigado” Vilakazi, sinikwe ithuba esikimini esikhulu saMakhosi.
UVilakazi (18) uzakhele ugazi kubathandi bebhola baseMzansi, ikakhulukazi abalandeli beChiefs, enza ezibukwayo eqenjini leCarling All Stars eliguqise iStellenbosch FC ngo 2-1 emdlalweni weCarling Black Label Cup ngoJanuwari 6, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. Uyena oshaye igoli lokuqala kuyi-free kick.
I-All Stars beyibunjwe ngabadlali abebeqokwe ngabathandi bebhola bakuleli, ihlanganisa abadlali abadlala emaqenjini eDiski Challenge nabanohlonze abadlala kwiDStv Premiership.
Abalandeli baMakhosi bebelokhu besho bethi akakhushulelwe esikimini esikhulu uVilakazi. Ngemuva kokushaya into ecokeme koweBlack Label. Yenyuke kakhulu imvunge ngokufakwa kwelePremiership eliqeqeshwa nguCavin Johnson.
Nakuba leli qembu laseNaturena lingakamemezeli ngokusemthethweni ngokukhushulelwa kukaVilakazi esikimini esikhulu kodwa kukhona ngaphakathi kwiChiefs abakuqinisekisayo ukuthi usenyusiwe njengoba eseziqeqesha nesikimu esikhulu. Lokhu kuyizimpawu zokuthi usezoyithola indawo esikimini sikaJohnson. UVilakazi akasabonakali eqenjini leDiski eliqeqeshwa nguVela Khumalo. Kubadlali beChiefs abebeyibamba esikimini seDiski abanyuselwe kwesikhulu kukhona uMduduzi Shabalala, Nkosingiphile Ngcobo, Bruce Bvuma, Samkelo Zwane nabanye.
“Ngokwami uMfundo usekhombisile ukuthi usekulungele ukudlala ‘nobhuti abadala’ esikimini esikhulu kwiChiefs. Osekusele nje wukuthi anikwe ithuba akhombise ukuthi uphetheni, njengoba benikeziwe nabanye ozakwabo abasuka eqenjini elincane leDiski Challenge.
“Phezu kwethalente lakhe analo lokuzalwa, kodwa ngenxa yokuthi ungomunye walabo badlali abangakwazanga ukuthola ithuba lokuba sezikhungweni zabadlali abasakhuliswa, ngikholwa wukuthi ukudlala kwakhe eqenjini leDiski Challenge kumkhulisile. Ngenxa yokuthi uCavin Johnson ungumqeqeshi okholelwayo kubadlali abasebancane, nginethemba lokuthi angase amnike ithuba umfana,” kusho uMolatedi naye owadlala esemncane kuMakhosi ngeminyaka yo-1990.
“Umdlali onjengoMfundo uyilolu hlobo lwabadlali asebeyingcosana ebholeni lethu laseMzansi abakwazi ukudlala leli bhola elaliletha abalandeli ezinkundleni eminyakeni edlule. Nokho umdlali onjengalona udinga ukweluswa ngendlela efanele, avikelwe ukuze angaphumi esipolweni ngoba izwe liyamdinga.
“Uma ngingababala labo badlali abebedingwa yizwe, kodwa abagcina besilahlekele ebholeni lethu, kungashona ilanga. Ngakho angifisi ukuthi umdlali onjengoMfundo naye angene ogibeni olufanayo engakafinyeleli lapho okufanele afinyelele khona.”
Khonamanjalo, iChiefs isimemezele ukuthi yelule izinkontileka zabadlali abathathu, okungonozinti ababili uBruce Bvuma noBrandon Petersen nomdlali wasesiswini uNkosingiphile “Mshini” Ngcobo.
Amakhosi azobuyela ngokubhekana neTS Galaxy koweDStv Premiership, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.